INDLELA akhule ngayo, ubunzima abhekane nabo empilweni nokuthi wangena kanjani emsakazweni ekade engayizwa nhlobo indaba yawo - ngezinye zezinto inkakha yezomsakazo ethi igabe ngazo encwadini yayo entsha.
UMakhosi ‘That Radio Guy’ Khoza okade esesendimeni yezomsakazo iminyaka ewu-30 ngenkathi ethatha umhlalaphansi esewumphathi wezinhlelo zeGagasi FM, ukhiphe incwadi esihloko sithi Ngizolalela Emsakazweni - athi bese kuyisikhathi eside efisa futhi ehlela ukuyibhala.
“Ngisasendimeni yezokusakaza ngangizitshele ukuthi kuzothi uma sengihlanganisa iminyaka ewu-21 ngikuwona, ngikhiphe incwadi ezofundisa abantu ngokungale kokusakaza, kwagcina kungenzekanga ngaleso sikhathi.
“Yingakho kuthe sengithatha umhlalaphansi sengikwiGagasi FM maphakathi nalo nyaka, kwangicacela ukuthi yisona sikhathi esifanele lesi sokuthi ngibhale incwadi engezukuvula abantu amehlo kuphela ngomsakazo, kepha iphinde iveze konke engidlule kukona empilweni yami,” kuchaza uMakhosi.
Eqhuba, uthe kule ncwadi abantu bazokwazi konke, kusukela ekuzalweni kwakhe eMbabane, eSwatini, kuqhubekele ekufudukeleni kwakhe eThekwini ezofunda - nokulandele ngokuthi agcine engena emsakazweni ngo-1990, ngenkathi ejoyina iDurban Youth Radio.
“Ngiphinde ngaveza nokuthi umsakazo ugcine uyishintsha kanjani, futhi kakhulu kangakanani impilo yami ekubeni ngangikade ngingayizwa nhlobo indaba yawo. Ngithe thasi futhi nangokucwila kwami ezikweletini, ngiwa ngivuka - ngagcina ngifika la esengikhona namuhla,” kulandisa uMakhosi.
Le nkakha yezomsakazo eke yasebenza nakweminye imisakazo enjengoCapital Radio, East Coast Radio, Radio 2000, Vuma FM, 702 neRise FM - iveze nokuthi sekuvele kuningi okuhle okuzayo okuthinta iNgizolalela Emsakazweni.
“Kumanje ngisezinhlelweni zokuthi incwadi itholakale nange-audio yezilimi ezintathu; isiZulu, isiSwati nesiNgisi - ukwenza impilo ibe lula kwabangakwazi ukufunda. Ngifuna nokugcizelela ukuthi le ncwadi ilungele wonke umuntu, hhayi abafisa ukusakaza kuphela.
“Kuyintokozo enkulu nokudalula izindaba zokuthi ngenxa yokukhipha kwami le ncwadi, sengithole ithuba lokwenza iqophamlando lempilo yami elizoqala ukuqoshwa, likhonjiswe esiteshini sethelevishini i-1KZNTV ngonyaka ozayo,” kusho uMakhosi.