OWAYENGUMNGANI omkhulu kaSenzo Meyiwa, uTumelo Madlala, udalule ukuthi abusekho buhle ubudlelwane phakathi kwakhe nomndeni wakwaMeyiwa selokhu kwenzeka isigameko sokubulawa komngani wakhe.
Lokhu kuvele izolo ngesikhathi ephoswa imibuzo wummeli kammangalelwa wesihlanu, u-Advocate Zandile Mshololo.
U-Adv Mshololo opheke ngemibuzo uMadlala ntambama izolo, ubuze uMadlala ukuthi bunjani ubudlelwane bakhe nomndeni wakwaMeyiwa?
UMadlala ukuveze ngokusobala ukuthi abusekho buhle. U-Adv Mshololo ube eseyalela uMadlala ukuthi anabe ngalokhu.
UMadlala wenze isibonelo ngesahlakalo lapho uyise kamufi, uMnuz Sam Meyiwa, naye ongasekho, athe wagasela kubo wafica kukhona intombi yakhe, wafika wayithuka ngezinhlamba.
“Esigamekweni sesibili ngahlangana nomama kaSenzo ehamba noSfiso ngababingelela kodwa wangavuma umama kaSenzo.
“Yilapho engabona khona ukuthi abusekho buhle ubudlelwane bami nomndeni kaSenzo,’’ kuchaza uMadlala.
U-Adv Mshololo uphinde wambuza ukuthi uma ecabanga yini imbangela yokuthi abantu bakwaMeyiwa bamjikele?
UMadlala uphendule ngamafuphi, wathi; “Sekungachaza bona-ke.”
Okubuye kwahlaluka enkantolo wukuthi uMadlala uqale ukubona ummangalelwa wesihlanu enkantolo, uthe wayengakaze ambone phambilini.
“Angimazi ngiyaqala ukumbona,’’ kusho uMadlala.
Uqhubekile u-Adv Mshololo wambuza ukuthi kusho ukuthi uyamangala ukuthi kungani lo wesilisa esenkantolo, engomunye wabasolwa?
“Angazi ukuthi kungani elana,’’ kuphendula uMadlala. Ngesikhathi ephendula kanjena uMadlala, kubonakale ummangalelwa wesihlanu emamatheka, enqekuzisa nekhanda kubonakala ukuthi iyamgculisa impendulo kaMadlala.
Naku-Adv Mshololo, uMadlala wale waphetha ukudalula ukuthi abakwaNetflix bamkhokhela malini ngokuvela kwakhe kwiqophamlando elalimayelana nempilo kaMeyiwa nangezithombe abanikeza zona ezazinomufi.
Kummeli wommangalelwa wokuqala kuya kowesine, u-Advocate TT Thobani, uMadlala wenze esifanayo ngoMsombuluko.
UMadlala uvumile ukuthi ikhona imali ayithola ngokwenziwa kweqophamlando ngempilo yomngani wakhe, u-Adv Mshololo wambuza ukuthi leyo mali ahlomula ngayo ngabe wabacazela yini abakwaMeyiwa? Uphendule ngokuthi kakunjalo, u-Adv Mshololo ube esembuza ukuthi uzibona ewumngani oqotho yini kumufi?
U-Adv Mshololo ubuye wagxila kakhulu ephuzwini lokuthi ababesendlini babengekho esimeni esikahle sokubona konke okwakwenzeka ngenxa yokuthi base bephuze utshwala.
UMadlala ubelokhu ephike njalo ukuthi ukuphuza kwabo kwase kukubi ngendlela yokuthi base bengakwazi nokubona okwakwenzeka.
U-Adv Mshololo ucele ukuthi kubukwe isithombe esikhombisa amakani otshwala esathathwa ngemuva kwesigameko esikhombisa amakani amabili kuphela otshwala.
“Ngabe kusho ukuthi nonke naphuza lawa makani amabili otshwala?’’ kubuza u-Adv Mshololo.
UMadlala uphendule ngokuthi kakunjalo, baphuza angaphezulu kwamabili, wathi akanalo ulwazi lokuthi lawa amanye amakani ayeseshonephi ngesikhathi amaphoyisa ethatha isithombe ngoba yena wayengasekho esesibhedlela, bephuthumise uMeyiwa.