UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, usephumele obala ngokungase kwenzeke kumengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uma kungatholakala ukuthi umbiko woMvikeli woMphakathi uthola ukuthi akahambisanga kahle ngodaba oluthinta iPhala Phala.
Kuzokhumbuleka ukuthi kwatholakala izizumbulu zemali ngaphansi kukamatilasi emzini osepulazini lakhe eliseLimpopo. Kube sekuba nezinhlaka zikahulumeni okwamele ukuthi ziphenye ngokutholakala kwale mali eyabe ithukusiwe, ingafakwanga ebhange.
Njengamanje, kulindwe umbiko ka-Advocate Kholeka Gcaleka osabambe kwesikaMvikeli woMphakathi, ukuthi adedele umbiko owatholwa wuphenyo lwehhovisi lakhe ngalolu daba.
Ebuzwa ngesinye seziteshi zethelevishini ukuthi kuzokwenzekani uma kutholakala ukuthi uRamaphosa waba sephutheni kulolu daba oluthinta iPhala Phala?
UMbalula uthe i-ANC ayikaze ibe nenkinga ngabaholi. “Uma kungukuthi uMengameli Ramaphosa kumele ashenxe uzoshenxa, asinayo inkinga yabaholi kwi-ANC, asikho nakancane enkingeni. I-ANC izothatha isinqumo, kufakwe umuntu ozoqhubeka nomsebenzi,” kusho uMbalula.
Uthe njengamanje bayameseka umengameli ngoba akakatholwa enecala.
Uphinde wacela abantu ukuthi bayeke uGcaleka enze umsebenzi wakhe ngaphandle kokumphazamisa.
Uthe abenze njengoba bebenza kuMkhwebane. “UMkhwebane maningi amacala abemlahla kodwa akukho noyedwa umuntu othe akasuswe esikhundleni,” kuphetha uMbalula. #isolezwengempelasonto