USEZWAKALISE ukungenami kwakhe umlingisi wakuleli mayelana nokusabalala kwezinsolo zakamuva zokuthi usephila ngesibhaxu emshadweni wakhe. ULetoya Makhene Pulumo ungomunye wabalingisi abanamava kuleli noshade noLebo Pulumo Makhene. Ngempelasonto kusabalale izinsolo zokuthi yena nonkosikazi wakhe izinto azibahambeli kahle emshadweni nokusolwa ukuthi uLetoya uyashaywa. Kukhona nephephandaba lesiNgisi langempelasonto ebelifolose ngalo lolu daba naveza ukuthi akeneme nangakho.
Iningi labantu lishaqekile ezinkundleni zokuxhumana kuqubuka lezi zinsolo kwazise umshado wabo wathatha abaningi ngo-2020 futhi nabantu bakuleli bayabathanda. ULetoya useziphendulele ngalezi zinsolo wanameka umbhalo ezwakalisa ukukhathazeka ngalokho athi kungamampunge. "Mina nomndeni wami ngomusa sizobhekana nalesi simo ngokubambisana. Asakhiwe yini futhi ngeke nisihlukanise," kuloba uLetoya.
ULetoya uveze ukuthi lena yinyanga yabesifazane futhi angathanda ukuthi kugqame okuhle ngomsebenzi yakhe, hhayi ngamahlebezi. Lo mlingisi uzwakalise nokukhathazeka ngokuthi uzobabhekelwa ubani abesifazane ababhekene nezimo ezifanayo abahlala bebatakula. Udalule nokuthi kunabesifazane abawu-57 asebekwaze ukubasiza ngokuhlukumezeka kwabo. Ngaphandle kwabo uyaqhubeka nanokulula isandla kwabaswele ngenhlangano yakhe engenzi nzuzo nesinikele ngezingubo zokulala eziwu-300.
Akugcini lapho, kuyimanje umatasa nokulungiselela eminye yemidlalo yethelevishini. Ezinyangeni ezedlule ubesemafilimini amabili ahlukene, enye edle umhlanganiso kuleli kanjalo nasemafilimini aphesheya kwezilwandle yaqhwakela kunombolo 5 e-US. Kuningi nokunye aveze ukuthi umatasa nakho nabemidlalo yethelevishini ngaphansi kwezinkampani ezahlukene.