INDODA yakwaNokweja, eXobho, uMnuz Mzwandile Khumalo, ihlukanise nomkayoe uNksz Nomasonto Manzini ngonyaka owedlule ngoba imsola ngokungaziphathi kahle, maqede yashada nomlamu wayo uNksz Sebenzile Manzini.
Isolezwe ngoMgqibelo lithole ukuthi isenzo sikaKhumalo (48) siwuhlukanise phakathi umndeni wakubo kwenkosikazi ngoba kuthiwa abanye bayemeseka, abanye bashaya amakhala. Bakhala ngokuthi leli yichilo uqobo.
Umthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba uthi uKhumalo wathola ubufakazi bokuthi umkakhe (36) umbhangqile okwaholela ekutheni aze akhulelwe ingane yangaphandle.
Kuthiwa ube nengxoxo nomkhwe wakhe uMnuz Thembalethu Manzini, bavumelana ngokuthi mabunganqanyulwa ubuhlobo kodwa akaganwe ngumlamu wakhe uNkk Sebenzile Khumalo (35).
Ethintwa uKhumalo uvumile ukuthi ugilwe igoda ngumkakhe ngokumbhangqa aze akhulelwe ingane yangaphandle.
Uthe emasontweni amabili edlule bezikade ziwushaya phakathi kwakhe nomlamu wakhe.
“Ngifisa sengathi ngabe ngahlangana nalo kuqala ngoba yena uyangihlonipha futhi uyazi ukuthi indoda iphathwa kanjani. Akafani nalesi sipoki sakubo esingezwa futhi esingaziphethe kahle. Ngiyabonga kakhulu ukuthi ubaba wabo afike nalo mbono,’’ kusho uKhumalo.
Eqhuba uKhumalo uthe okumjabulisayo kakhulu wukuthi bebengenabo abantwana nomkakhe omdala.
UNkk Khumalo uthe uyazi ukuthi udadewabo omdala ubengamphethe kahle umkhwenyana.
“Okudale ukuthi ngivume ukumgana wukuthi udadewethu ubehlale engitshela ukuthi akamthandi uKhumalo, wamgana ngoba wasuke wamthembisa umshado. Bekuthi uma ngimkhuza, sivele sixabane,’’ usho kanjena.
Uthe uhlukene nendoda abeyiqomile ngoba nayo beyingayiphathi eyomshado.
UNksz Manzini uthe kuningi abengakuthandi ngoKhumalo futhi wamchaza njengowesilisa onolaka njengebhubesi. Akafunanga ukuphendula ukuthi wakhulelwa ingane yangaphandle ngampela yini. Kodwa kunalokho uthe uyafunga uyagomela nodadewabo ngeke akwazi ukumelana noKhumalo.
Kuthintwe uManzini onguyise wabo bobabili omakoti, uthe yena ulungisa izinto ezimayelana nomndeni wakhe futhi akafuni kuqhamuke umuntu angamazi azomphosa ngemibuzo engasile.