ULAXAZE phansi isicelo sakhe sebheyili owesilisa othweswe uxhaxha lwamacala okuqotha ngenhlamvu abantu esigcemeni kwa-Q eMlaza, emasontweni ababili edlule.
UMnuz Siphamandla Dlomo (24) ubhekene namacala angu-15.
Kuwona kukhona ayisishiyagalonye okubulala, amahlanu okuzama ukubulala nelilodwa lokucekela phansi impahla.
UDlomo uvele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, izolo, efaswe izinyawo ngozankosi.
Ubebukeka ezikhulekele, ehlezi ebheke phansi encisha amehlo abantu abekade besenkantolo.
Bekulindeleke ukuthi afake isicelo sakhe sebheyili kodwa watshela inkantolo, esebenzisa ummeli wakhe uMnuz BM Ngcobo, ukuthi useshintshe umqondo, ngeke esasifaka.
Umshushisi uMnuz Khulekani Mzotho, okunguyena obeqale kuqala wakhuluma ucele iMantshi Thulani Mbuyazi ukuthi ilihlehlise icala.
Ngokwezizathu uMzotho azibalulele inkantolo wukuthi uMbuso awukaluphothuli uphenyo olwenziwayo mayelana nommangalelwa namacala athweswe wona.
UMzotho udalule ukuthi uMbuso awukakahlinzekwa imibiko kadokotela owahlola izidumbu zababulawa, kusamele kuthathwe izitatimende kofakazi futhi ayikakahlanganiswa i-albhamu yezithombe zendawo yezigameko.
UMbuyazi ube eselihlehlisela u-Okthoba 23 icala ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
UDlomo usezotoka ejele laseWestville kwazise kusukela ngesikhathi eboshwa ngeSonto, lango-Agasti 13, ubekade egqunywe ezitokisini zasesiteshini samaphoyisa saseMayville, eThekwini.
Ngo-Agasti 11 ebusuku, uMbuso uthi uDlomo nabanye abantu ayekade ehamba nabo badubula babulala abantu abayisithupha omunye owayekade elimele washonela esibhedlela.
Ngakusasa ebusuku kusolakala ukuthi wabuya aphinde wadubula wabulala abantu ababili walimaza nabanye.
Esezwile uDlomo ukuthi amaphoyisa amfuna uthuli, futhi abekelwe isikhathi esingamahora angu-72 (izinsuku ezintathu) ukuthi amthungathe ambophe, wabe esezinikela ngokwakhe kuwona.
Kubikwa ukuthi wahlangana namaphoyisa enxanxatheleni yezitolo eCornubia ngaseMt Edgecombe, okuyindawo okuthiwa uDlomo namaphoyisa babekade bevumelene ngayo.
Lapha kuthiwa kwafika iviyo lamaphoyisa lihlome liyizingovolo lafike lamshaqa uDlomo.
Phambilini, amaphoyisa athi ayekade emfuna vele ummangalelwa mayelana nesinye isigameko sokubulala kule ndawo lapho kwasala khona umazisi wakhe.
Kuthiwa yiwona lo mazisi abuye esewufuna ngesankahlu eze edubula ebulala ngesibhamu okusolakala ukuthi waseba kubabomncane wakhe.