USHAYE ingqimphothwe ngokufaka isicelo sebheyili owesilisa owatholakala nezidumbu eziyisithupha ebhilidini ahlala kulo edolobheni laseGoli.
Lo mlisa ogama lakhe nguSifiso Mkhwanazi, uvele Nkantolo yeMantshi eGoli namuhla ngecala elilodwa lokubulala, yize kwatholakala izidumbu eziyisithupha.
“Umsolwa waboshwa ngo-Okthoba 9, ngemuva kokuba kutholakale izidumbu eziyisithupha zabesifazane endaweni yokukhanda eSelby, eGoli.
“Onakekela ibhilidi uwabiza amaphoyisa ngemuva kokuthola isidumbu esonakele ngaphakathi ebhilidini ngesikhathi ehlola iphunga elibi elaliqhamuka ngaphakathi.
“Yize amaphoyisa afika kule ndawo athola izidumbu eziyisithupha, sisodwa kuphela umsolwa aboshelwe sona,” kuchaza uPhindi Mjonondwane okhulumela iNPA eGauteng.
UMbuso utshele inkantolo ukuthi kunobufakazi obuqoshiwe obukhomba lo msolwa ngecala abekwe lona.
Icala lakhe lihlehliselwe umhla ka-7 Disemba.