KUVELE inkinga yokushoda kwemali yokukhokhela ummeli wakhe ecaleni lobeyikhansela le-ANC eThekwini ngoMsombuluko.
UMnuz Mkhipheni Mzimuni Ngiba (46), obekade eyikhansela e-ward 101 eMayville, ubevele nabamangalelwe abane eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
UNgiba uboshelwe amacala amabili, okuzama ukubulala namabili okubulala amalungu e-ANC oMnuz Siyabonga Mkhize noMzukisi Nyanga ngo-Okthoba 2021 bekhankasa eCato Crest.
UMkhize walunqoba esekobandayo ukhetho lwamakhansela, ngoNovemba 2021. Kwaphoqa ukuba kube nokhetho lokuchibiyela, i-ANC yase ifolosa ngoNgiba owanqoba.
Uxoshwe ekubeni yikhansela ngoSepthemba ngonyaka odlule futhi wagcina ngayo leyo nyanga ukuhola.
Ummeli kaNgiba, u-Adv Andrew Matlamela utshele iJaji Nicholson ukuthi kube nenkinga yokuthi akhokhelwe.
“Kungenzeka ummangalelwa agcine esesizwa wummeli wamahhala kahulumeni. Sincane isikhathi esivumelane ngaso ukuthi uzobe eseyitholile imali esivumelane ngayo, ukuze angikhokhele,” kusho uMatlamela.
Isolezwe limlandelile uMatlamela laphuma naye enkantolo lacela ukucaciseleka ngenkulumo ayisho enkantolo.
Uqhubekile wathi uNgiba akasasebenzi futhi ayikho imali ayitholayo.
“Sivumelane ngesikhathi esingamasonto amabili ukuthi sikhokhelane, uma ehluleka kusho ukuthi ummeli wamahhala kahulumeni wuyena okuzomele azoqhubeke necala,”kusho uMatlamela.
UNicholson ulihlehlisele uFebhuwari 15 icala khona kuzokwenziwa izethulo ezindlalela ukuqulwa kwecala, okuhlelelwe u-Ephreli nonyaka.
Izethulo bezihlelelwe ukuba zenziwe izolo kodwa uMbuso wacela lihlehliswe icala khona kuzobuya umshushisi walo, u-Adv Elvis Gcweka okuvele ukuthi kunelinye icala alenzayo.
Ijaji lithe ukuhlehla kwecala kuzosiza nabanye abamangalelwa enkantolo okuvele ukuthi nabo badonsa kanzima ukukhokhela abameli babo.
Ngenyanga eyedlule uNgiba naboshwe nabo bachithwe yinkantolo okwesibili esicelweni sabo sebheyili.
Ngawo uDisemba i-ward ibe nokhetho lokuchibiyela olunqotshwe nguMnuz Simphiwe Khanyile we-ANC, okulindeleke afungiswe kule nyanga.
UNgiba selokhe agqunywa ezitokisini kusukela eboshwa ngoMashi 2022. UNgiba ongumsolwa wesithathu, ugqunywe ejele Ebongweni, eKokstad, nabanye abamangalelwa oMnuz Nkosinathi Ngcobo (38), Sandile Mzizi (40) noSifiso Mlondo (37).
Ummangalelwa wesihlanu, uMnuz Phathesakhe Ngiba (25), oyisihlobo sikaNgiba, utoke ejele laseWestville.