ZIMKHALELE esematasa ebhalela omunye wabafunda ngasese izivivinyo zika-matric owesifazane oneminyaka engu-19, esikoleni iPhendukani Full Service High, eMadadeni.
Ulahlwe elakubo ngesikhathi obegade iphepha lokuqala lesiNgisi ngoMsombuluko, ebona isithombe sikamazisi sobebhala ukuthi asifani nesobebhalelwa izivivinyo.
Kuthiwa ube esehlaba umkhosi, kwabizwa amaphoyisa zamkhalela.
Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aseMadadeni aphenya icala lokukhwabanisa emuva kokuba owesifazane eboshwe emuva kokuzama ukuzenza omunye wabafundi, abembhalela izivivinyo.
Uthe lesi sehlakalo senzeke ngoMsombuluko kanti umkhosi uhlatshwe ngobegade ngesikhathi kubhalwa izivivinyo.
“Ubone isithombe sobebhala ukuthi asifani naleso esikumazisi wobembhalela kwase kubizwa amaphoyisa waboshwa.”
Okhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi, uthe sekuqalwe uphenyo mayelana nalesi sehlakalo.
Uthe bebengasabisi uma bexwayisa abafundi ngokuthi bazojeza kanzima uma bebanjwa bekopela noma bebhalela abanye.
“Ngokombiko esiwutholile, kukhona ozame ukubhalela omunye kulesi sikole esibuye sibe isikhungo sokubhalela abafundi ababhala ngasese. Obegade izivivinyo ube esehlaba umkhosi kwabizwa amaphoyisa, waboshwa.”
Usigxekile lesi sehlakalo wathi lesi sikole sikwezenza kahle kakhulu emiphumeleni ka-matric.
“Sifisa ukuxwayisa umphakathi ukuthi abagada uma kubhalwa baqeqeshiwe, futhi bayazi ukuthi kumele babhekane kanjani nezimo ezifuze lezi. Asifuni kube nento ezizothunaza izivivinyo zika-matric,” kusho uMahlambi.
Uthe okwenzeke kulesi sikole kuyizinkomba zokuthi ngeke bababekezelele abakopelayo noma abazobeka engcupheni isithunzi sezivivinyo.
“Abafundi kumele bazi ukuthi ngeke nje sigcine ngokuthi sibamise ekutheni bangabhali izivivinyo iminyaka ethile nokuthi sibambe imiphumela yakho kodwa sizofaka namaphoyisa ngoba usuke wenze ubugebengu. Sifuna kucacele noma ngubani ukuthi akudlalelwa ezivivinyweni zika-matric,” kusho uMahlambi.
Uthe abafundi kumele bahlale esifungweni abasenzile sokuthi ngeke baze bakopele noma bazibandakanye ezintweni ezithinta ukukopela.
Kwenzeka lokhu nje izikhulu zomnyango, okubalwa noNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga, bakhiphe isexwayiso esishubile kubafundi sokuthi bangakopeli.
Uthe uma bekopela bazibeka engozini yokuthi bamiswe izivivinyo ezintathu bengabhali, nemiphumela yabo ithathwe njengento engekho.
Namhlanje abafunda u-matric babhala iphepha lokuqala leHistory.