IZINHLANGANO ezisebenza nezingane zithi indlela engcono yokusiza ingane yakho ukuze igweme ukungena igxile ezintweni eziyingozi, ezifana nokuphuza utshwala, ukuthi ukhulume nayo ngokuvulelekile, ungathethi.
UNkk Ayanda Khumalo-Gwaji weSazi Community Care yaseMlaza, okuyinhlangano ebhekelele izingane ezizalwa emindenini empofu eziphila negciwane lengculazi nezintandane, uthe isikhathi samanje asisafani nesakuqala, ziningi izinto ezikhona izingane ezifuna ukuzizwa ngoba zikhona, ezinye zazo abazali kabazazi, ngakho kubalulekile ukuthi bazijwayeze ukukhuluma nazo.
"Abazali abaningi izinkinga bazixazulula ngenduku, okuyikhona kanye okwenza ukuthi izingane zihlehle kubo, zizitholele abangani abasemaceleni abazifaka ehlathini. Uma ukhuluma nengane zama ukulingana nayo ngokucabanga, ufune ukwazi ukuthi kungani ifuna ukwenza lokho ekwenzayo, uzothola konke.
“Njengamanje izingane ziphuza utshwala ngendlela eyethusayo futhi ziqala zisezincane. Bengikhuluma nazo ngalo mkhuba zangitshela ukuthi ”isukile“. Bengilokhu ngizwa zisho kanjalo ngingazi ukuthi kusho ukuthini ukuthi isukile.
“Uma ngihlala nazo phansi zingixoxela ukuthi ukuthola utshwala njengamanje kulula kukhona, iziqeda ezenziwe ngobhiya, ngama-cider namawolintshi ajovwe ngogologo. Phambilini besazi ukuthi kunamakhekhe ensangu, incika notshwala uqobo lwabo. Isikhathi siba nezinto ezintsha eziheha intsha, wena njengomzali kumele ube nolwazi ukuze ukwazi ukweluleka ingane yakho," kusho yena.
UNksz Nolwazi Mkhize wenhlangano iSibanye Youth Development Organisation yaseMgungundlovu, uthe: "Uma usubonile ukuthi ingane isiqalile, khuluma nayo. Uma wehluleka bese uyizamela usizo, ingaze ingene igxile otshwaleni nasezintweni eziyingozi. Yazi abangani bengane yakho.
“Kungenzeka ingane ingakutsheli ukuthi isiqomile noma nikhuluma njalo kodwa kunezitayela izingane ezizenzayo zokuhlanganisa amagama azo nezithandwa zawo kuphume igama elilodwa, uzoza isizibiza ngalo noma abangani beyibiza ngalo. Funda ukwazi ngamatemu asetshenziswayo nokuthi asho ukuthini. Gwema ukunika ingane ucingo uma isencane," kusho uNkk Mkhize.