INHLANGANO yodokotela iSouth African Medical Association (SAMA) isiphakamise ukuthi kwenziwe uhlelo lokuhlola zonke izibhedlela zaseGauteng ukuthi azinazo yini izinkinga zokushodelwa ukudla.
Isho lokhu ngemuva kokuthi ngeledlule kuvele ukuthi isibhedlela iChris Hani Baragwanath Academic Hospital (CHBAH) sibhekene nenkinga yokushodelwa ukudla.
Kusolwa ukuthi inkinga idalwe ukuphazamiseka kohlelo lokuhlinzekwa kokudla ngenxa yezinkinga zokungakhokhelwa kwethenda eliletha ukudla kulesi sibhedlela.
UNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng , uNkk Nomantu Nkomo-Ralehoko, uvumile ukuthi kunenkinga yokushoda kokudla kodwa wathi ukudla okuthile okushodayo okufana nokusheshe konakale okunye akushodi.
UDkt Vusumuzi Nhlapho, isikhulu esiphezulu seSAMA, uthe ukushoda kokudla esibhedlela kudala ukuthi iziguli zingawutholi umsoco eziwuthola ekudleni bese kweluleka isikhathi sokuhlala esibhedlela okuyinto engeyinhle.
Uthe iCHBAH iyisibhedlela sesithathu ngobukhulu emhlabeni, inemibhede elinganiselwa ku-3,200 , inabasebenzi abangaphezu kuka-6,700. Ngonyaka, zilinganiselwa ku-150,000 iziguli ezilaliswayo.
“Ukushoda kokudla okubola masinyane esibhedlela kungaba yinkinga enkulu njengoba iziguli zidinga ukondliwa okufanele ukuze zilulame. Ukushoda kokudla okunomsoco othile kuphazamisa uhlelo lokululama kwesiguli. Ukudla kunikeza isiguli amandla nomsoco ukuze leyo misoco ilekelelane nemithi isiguli silulame sibuyele ekhaya. Uma kushoda ukudla iziguli zihlala isikhathi eside esibhedlela kuvimbeleke ezinye iziguli ngoba kuneziguli esezithathe isikhathi eside kunesifanele," kusho uNhlapho
Uqhube wathi basishayela ihlombe isenzo sodokotela nabasebenzi bezempilo bakulesi sibhedlela abakhombise uzwelo olukhulu ezigulini ngokusiza ngezidingo ezithile nokudla okunomsoco ukuze iziguli zilulame ngokushesha.
Unxuse uMnyango ukuthi uthathe izinyathelo ngokushesha ukuxazulula le nkinga, wathi okunye okumele umnyango ukwenze ukubheka ukuthi ayikho yini inkinga efanayo kwezinye izibhedlela zakulesi sifundazwe.