UMNTWANA uPhumzile Buthelezi uphumele obala ngempilo kayise uMntwana waKwaPhindangene.
Uthe ukuba kuya ngabo ngabe basivulela icala isibhedlela lapho okulele khona uyise.
Uthe ubudedengu babahlengikazi yibona obuyimbangela yokusha kukayise nokuthi angaphumi esibhedlela kuleli sonto njengoba kwakuthenjisiwe.
“Sekusiza kona ukuthi asibona abantu abathanda ukulwa kodwa ukuba singabanye abantu ngabe sifaka isimangalo“, kucacisa uMntwana uPhumzile. Uthe bebezizwa izinto ebezishiwo abantu ngoyise kodwa ezingekho. Uveze ukuthi bebethi kubonwa ngokusa okuyinto engekho.
“UMntwana ubengaguli kangaka bekumele athathe umjovo wezinhlungu nje kuphela,“ kucacisa uMntwana uPhumzile.
Uveze ukuthi naye wake walinyazwa abahlengikazi kodwa ngoba bazilungele abasibophanga isibhedlela.
Uphethe ngokululeka izingane ezincane wathi azizinakekele ikakhulu lezi ezinhle ngoba ikhona le nto yokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.