“UKUNGAFUNDI emaphutheni amadala nokuhlukana phakathi yikhona okuphinde kwagqema udume i-ANC KwaZulu-Natal, ukuthi ingabi namholi ngisho oyedwa ebuholini obuphezulu be-ANC.”
Lokhu kushiwo abahlaziyi bezepolitiki ngemva kokuziphinda komlando wokuthi lesi sifundazwe, sangaba ngisho nomholi oyedwa ebuholini obuphezulu bale nhlangano.
Nasengqungqutheleni eyayiseNasrec, ngo-2017, lesi sifundazwe sabuya silambatha njengoba bonke abaholi ababesembangweni wezikhundla eziphezulu bakhala ngaphansi.
Kubaholi bakulesi sifundazwe oDkt Zweli Mkhize obesembangweni wokuhola le nhlangano uhlulwe nguMnuz Cyril Ramaphosa okhuze ibuya ihlandla lesibili ngamavoti angu-2 436, kwathi uMkhize wathola angu-1 897.
UMnuz Mdumiseni Ntuli uthole amavoti angu-1 080 wehlulwa nguMnuz Fikile Mbalula ngangu-1 692 kwesikanobhala jikelele.
Umhlaziyi, uSolwazi Bheki Mngomezulu, uthe i-ANC KZN ayizange ifunde emaphutheni eyawenza phambilini, yingakho iphinde yabuya ilambatha.Uthe ukwehlukana phakathi yikhona okudale ukuthi kungaphumi ngisho nomholi oyedwa.
“Lesi sifundazwe besingamseki uNtuli ekubeni evela kusona kodwa besiseka umholi wase-Eastern Cape. Lokhu kuyizinkomba zokwehlukana okukhona.” USolwazi Lesiba Teffo ukhale ngamava kaNtuli, wathi bekumele nakanjani adle umhlanganiso.
Uthe uma umndeni ubanga kuba nezinselelo ezifuze lezi.“Ngokwami, ubekahle kwesika nobhala jikelele kanjalo nesephini likamengameli ubengalunga. Uma nihlukene ngeke niye ndawo. Ngisho nowayengumengameli we-ANC, uMnuz Jacob Zuma, wabatshela abaholi baseKZN ukuthi abazinuke amakhwapha emuva kokubuya belambatha ngo-2017.
Namanje, emuva kweminyaka emihlanu, umlando uziphindile ngenxa yokwehlukana.” Uthe kumele bazibuze ukuthi izinto ziphambane kuphi, wathi okubi ngukuthi uNtuli ubengasekwa ngisho isifundazwe sakhe.
Ephendula ngokungaphumeleli kwabaholi baseKZN, uNobhala we-ANC esifundazweni, uMnuz Bheki Mtolo, uthe awukho umthetho obhalwe phansi ukuthi kumele njalo iKZN ibe nomholi ozophuma khona ebuholini obuphezulu bale nhlangano.
Uthe njengoba ingqungquthela isinqumile ngeyobuholi, bazokweseka bonke abakhethiwe kubalwa noRamaphosa.
“Sizosebenzisana nabo bonke abaholi kanjalo nomengameli. Uma uyilungu le-ANC akusho lutho ukuthi uhlalaphi ngoba le nhlangano inezifundazwe eziyisishiyagalolunye. Nezinye izifundazwe ezifana neNorth West, azibanga nabaholi abakhethelwe ezikhundleni eziphezulu.”
Uthe bazobumbana wathi bazoya okhethweni lwango-2024, beseka uRamaphosa.
“Bekungekho ukushuba komoya kule ngqungquthela nokwehlukana. Inqwaba yabantu abathamele ingqungquthela ngabantu abasha. Uma sesikhethe abaholi, siyabeseka sisonke.”
Uthe balwile belwela uMkhize kodwa wangaphumelela okusho yona intando yeningi.
“Okubalulekile ngukuthi sibunqobile ubuholi bamaqembuqembu. “Ubuholi obukhethiwe abuqhamuki ohlangothini olodwa kodwa buxubile,” kusho uMtolo.