ZIPHUME enkantolo zidangele, zimbathwe wusizi izitshudeni zaseMangosuthu University of Technology (MUT) emuva kokuhlehliswa kokukhishwa kwesigwebo sendoda eyavuma icala lokubulala ngokugwaza isitshudeni.
Izitshudeni zophiko lwabafundi, i-EFF Student Command (EFFSC), eMUT, zikhale ngeNkantolo eNkulu yaseThekwini ehlehlise icala ngenxa yokugula kukammeli kamsolwa, uMnuz SB Madondo.
UMadondo kubikwa ukuthi ungeniswe esibhedlela. Ubemele umsolwa, uBongani Sanele Mlambo (28) ecaleni.
Inkantolo ibe isilihlehlisela uLwesine icala, okuwusuku okulindeleke ngalo ukuthi uMbuso unikeze inkantolo umbiko kadokotela owahlola isidumbu sikaXolile Mbatha (23).
Kulindeleke nokuthi kuphinde kwethulwe ummeli omusha ozomela uMlambo owathi wabulala umufi ngoba enziwa isikhwele nentukuthelo.
UXolile, owayenza iziqu ze-Electrical Engineering, wagwazwa amanxeba amaningi nguMlambo owayethandana naye, endaweni okuhlala kuyona izitshudeni i-Ark Royal, ngoJulayi 30 nonyaka.
UBusisiwe Zwane, ongumdidiyeli we-EFFSC eMUT, uthe ukubambezeleka kokukhishwa kwesigwebo kuzokwenza bangabi nalo uvalo futhi baqhubeke abantu abahlukumeza abantu besifazane.
UBusisiwe uthe bebelindele ukuthi inkantolo igwebe kanzima uMlambo, okuyimiphumela yesenzo sakhe esisabaphethe kabi namanje.
“Asijabulile neze ngokuhlehliswa kwecala ngoba ekugcineni sifuna inkantolo yenze ubulungiswa ngokubulawa kukaXolile. Indlela okwenzeka ngayo enkantolo yenza nezigilamkhuba ukuthi zingabi nalo uvalo ngoba zizobona ukuthi abenzi bobobi kabenziwa lutho,” kusho uBusisiwe.
UMlambo wazinikela emaphoyiseni aseHluhluwe ngoSepthemba, emuva kokubalekela kubo sekwenzeke isehlakalo.
Phambilini iJaji uSharmane Balton lathi okwamanje alikazoyamukela incwadi agonyuluka ngayo uMlambo, ngenxa yokuthi uMbuso kawuyinikanga inkantolo nomsolwa umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu.
UMlambo ugibele ebhokisini labasolwa egulukudela, ezimboze ikhanda ngejakhethi enesigqoko abeyigqokile.
Nangesikhathi esephuma, kube sengathi uyabaleka ewancisha amehlo abantu ebebesenkantolo.