UKUHLASELWA nokubulawa kwamaphoyisa kuleli okwenziwa yimigulukudu, kuwukubukela phansi amandla oMbuso.
Lokhu kushiwo oyinhloko yophiko loKlebe, Lieutenant General Godfrey Lebeya esithangamini nabezindaba ePitoli, ngeSonto, obekuhloswe ngaso ukucacisela umphakathi ngosekwenziwe yilolu phiko ekoteni ephelile yonyaka wezimali u-2024/2025.
ULebeya uthe ngekota yokuqala kuphela yalo nyakazimali, angu-21 amaphoyisa asebulewe kanti iningi lawo abulawe engekho emsebenzini njengoba engu-16, abe mahlanu abulawe esebenza.
“Bangu-18 abasolwa asebeboshiwe ngamacala okubulawa kwamaphoyisa, kubona abayisishiyagalolunye bahlanganiswa namacala akamuva okubulwa kwamaphoyisa angu-21, bese kuthi enye ingxenye ihlanganiswa namacala afanayo enzeke ngaphambi kwekota yokuqala yalo nyakazimali,” kusho uLebeya.
Enaba ngamacala asephothuliwe alolu hlobo, uLebeya uveze ukuthi oboshelwe ukubulala iphoyisa lakuMasipala weTheku uConstable Nkosinathi Ndlovu (57) ngoJuni 2022, okwenzeka ehostela eliseMlaza iGlebbelands, okunguSibusiso Sosibo (27), udonsa isigwebo seminyaka ewu-50 emva kokuphenya kwalolu phiko okuholele ekutheni elahlwe ngamacala.
Uphinde wakhala ngezigameko sokuqhunyiswa nokubanjwa kwezimoto ezithwala imali okudla lubi, wathi lubeka engcupheni impilo yabantu.
Uthe awu-55 amacala adluliselwe kulolu phiko, kanti bangu-34 asebeboshiwe, abangu-28 kubo baboshelwe amacala enzeke ekoteni yokuqala kuhlanganiswa nalabo abafa bedubulana namaphoya. Uthe sekugwetshwe abangu-19, iminyaka ewu-288 uma behlanhaniswa bonke.
Awu-18 461 amacala abephenywa yilolu phiko ngekota yokuqala yonyaka u-2024/2025, zibe wu-752 712 izimangalo ezishicilelwe, okudla imali eyevile ku- R 1 billion.
Lolu phiko luphinde lwavalela inqwaba yabasolwa emacaleni abucayi okubalwa kuwo inkohlakalo, ukuhwebelana ngemali ngendlela engekho emthethweni, ukubulawa kwamaphoyisa, abavukuza ezimayini ngokungekho emthethweni namanye.
ULebeya uthe yinqwaba yezidakamizwa eziqoqwe yilolu phiko kule ngekota edlule engabiza imali eyivile ku-32 million kanti bangu-64 ababoshelwe lolu hlobo lobugebengu. Bangu-25 asebegwetshiwe kanti abangu-15 baphume ngenhlawulo. Kuhlakazwe izindawo ezintathu okuthiwa beyizidleke ezikhiqizwa izidakamizwa ngokungekho emthethweni eGauteng, kwaboshwa abangu-12, kwashaqwa izidakamizwa ezingabiza imali eyevile ku-R16 million.