UVUTHA engabaselwe usomabhizinisi waseMlaza othi usezame konke okusemandleni ukuphoqa owayengumsakazi weGagasi FM, uKini Shandu ukuthi amkhokhele imali amukweleta yona kulandela ukuthi enze umsebenzi wokufaka amalebuli emabhodleleni amawayini (branding) omcimbi wezindondo ama Sebenza Womens Awards.
USphiwe Gumbi (40), wenkampani Amalethwa Holdings, utshele Isolezwe ukuthi uphatheke kabi ngesenzo athi senziwe wuKini ongumsunguli wamaSebenza Women Awards.
“Into engixabanisa noShandu wukuthi wacela ukuthi ngimenzele lo msebenzi (i-branding ne-packaging) yewayini ne-champagne kwekhethelo ayezophuzwa izicukuthwane kumaSebenza Awards ngo-Agasti, nokuthe uma sekumele sikhokhelane kwaqala izinkinga, uKini eseshona le nale ngemali yami.
“Sasivumelene ngokuthi akangikhokhele uR7 000 ngoJulayi, nakhona ngimehlisela ngoba kwakumele ngimkhokhise imali engaphezu kwalena ngenxa yobukhulu bomsebenzi engawenza, kodwa ngenza umusa ngoba nami ngisafuna ukuzakhela igama ngomsebenzi wami,” kuchaza uSphiwe.
Eqhuba, uthe ngokwesivumelwano sakhe noShandu, wamenzela amabhodlela ewayini awu-60 nawe-champagne awu-12.
“Zonke lezi ziphuzo zekhethelo ngazithenga eKapa lapho ziphiswa khona, zalethwa eThekwini, ngabe sengiyazifaka amalebuli, ngazipakisha kahle, uKini wazithola ngesikhathi, kodwa kuze kube manje lutho ukungikhokhela.
“Okungicasula kakhulu wukuthi ngibona sengathi udla amandla ami ngoba sekuphele izinyanga ezine ngilinde imali yami, okuthi noma ngikhuluma naye ngiyicela, avele angibhekise le nale, akhombise ukudelela nokusho ngokusobala ukuthi akazimisele ngokuyikhokha.
“Impilo inzima. Ngaziqalela leli bhizinisi ngoba ngifuna nami ukuziphilisa. Kungiphatha kabi ukuthi ngisebenzele amahhala,” kubalisa uSphiwe.
Uthe useke wazama ukuphoqa uKini ukuthi akhokhe ngokuthi aye eNkantolo yaseMlaza, lapho enikwe khona incwadi ephoqa uKini ukuthi akhokhe le mali, kodwa nalapho akazange asizakale.
Isolezwe linawo amaphepha asenkantolo angomhlaka 10 Okthoba, aphoqelela uKini ukuba akhokhe imali ewu-R7000 zingakapheli izinsuku eziwu-14.
“Njalo uma ethintwa ukuthi azosayina le ncwadi, uvele avike ngokuthi akekho eThekwini,” kusho uSphiwe kuzwakala ukuthi imphatha kabi le ndaba.
Isolezwe liyibonile i-invoice yango Julayi 17 eyathunyelelwa uKini ngoJulayi 17.
Ethintwa uKini ngalolu daba, uqale wazihlekela nje, wase ethi ngokwazi kwakhe babengavumelananga nhlobo ngenani lokwenza lo msebenzi noGumbi, kunalokho wayemsiza nje.
“Nguye oweza kimi ezocela ithuba lokwenza lo msebenzi emcimbini wami, nami ngavuma kodwa ngamtshela ukuthi ngizombona ngengimbona ngakho, sangavumelana ngesamba semali esiqondile.
“Kuthe kusuka wase eshintsha, ethi usefuna uR7 000 ngomsebenzi awenzile, kwase kuphambana lapho-ke ngoba sasingavumelananga ngalokho ekuqaleni.
“Le nto ingifundisa isifundo sokuthi ngingajwayeli ukusiza abantu ngoba ekugcineni umuntu uyashintsha. Sengiqala nokucabanga ukuthi ngeke esathola kwayileyo mali encane ebengisahlela ukumnika yona,” kusho uKini obelokhu efa yinsini.
Emva kokuthi uKini ethole ucingo oluvela kwiSolezwe, uSphiwe uthinte inthatheli eyazisa ukuthi uthole ucingo oluvela kuKini emsabisa, washo nokuthi njengoba udaba eseluyise ephephandabeni, nemali abezomunika yona useyoyithola kuyo intatheli.