UKHWELE wadilika kuNgqongqoshe wemiSebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda omunye wabaholi bamaDelangokubona.
Umholi wamaDelangokubona, uMnuz Nathi ‘’Bhamuza’’ Mnyandu, uthe igama elihlezi lisetshenziswa uMnuz Sihle Zikalala, onguNgqongqoshe wemiSebenzi, lamaConstruction Mafia abalamukeli.
“Njengoba esibiza ngamaConstruction Mafia, thina simubiza ngePhara elahlulwa yipolitiki. Okokuqala thina sisuke singakhokhelwanga ngokwenza umsebenzi sibe sesiyateleka, asivele siteleke kumbe sifune kume umsebenzi,” kusho uMnyandu.
Ukhale ngokuthi imali idliwa yizikhulu zomnyango kube sekukhalwa ngabo njengamaBusiness Forums.
Ephawula kwiSolezwe Ngempelasonto Online okhulumela lo mnyango, uMnuz Lennox Mabaso, uthe ungqongqoshe akakaze abale igama labantu futhi usuke engaqondisile eKZN.
“Uma ungqongqoshe ekhuluma usuke ekhuluma ngeNingizimu Afrika yonke. Okunye abantu okufanele bakuqonde ukuthi kunamacala avuliwe, evulwa ngosonkontileka. Ungqongqoshe usuke ekhuluma nalabo bantu abavulelwe amacala, njengoba ngisho, akakaze abale gama lamuntu, uma ungangeni kulolu daba noma ungakaze uvulelwe icala akufanele uzihluphe,“ kuchaza uMabaso.
Uthe ubugebengu ngeke bakubekezelele, bona bagxile kakhulu oguqukweni kule ndima, njengokuthi bangakuthokozela ukubona abesifazane bebambe iqhaza, baphele abantu abafuna imali kosonkontileka ngenkani.
“Ukuphazamiseka komsebenzi kulimaza umnotho wezwe yingakho lolu daba selungenwe nawoKlebe ngoba sifuna ziboshwe izigilamkhuba. Osonkontileka bagcina sebeqashe onogada,” kusho uMabaso.
Uphethe ngokuthi ungqongqoshe usenezinyanga ezintathu kuphela ehhovisi, okunye aphezu kwakho ukukhokheleka kwabasebenzi abangaphansi kosonkontileka, ukulwa nobugebengu obenziwa abasebenzi bakahulumeni nokunye.