UMVIKELI woMphakathi omisiwe uNkk Busisiwe Mkhwebane akakwazanga ukubuyela ehhovisi izolo njengoba ngoMsombuluko wayethe unezinhloso zokubuyela emsebenzini emva kwezigcawu zekhomishini ebiphenya ukuthi ukulungele yini ukuqhoqhobala isikhundla soMvikeli woMphakathi, ugcine ekhuluma nabezindaba engaphandle kwebhilidi.
Njengoba le khomishini iwuhambise ePhalamende umbiko wayo, uMengameli weZwe uMnuz Cyril Ramaphosa uthe uMkhwebane uhlulekile ukuqonda umthetho.
Ukwenze kwacaca kuMkhwebane ukuthi bekungafanele abuyele emsebenzini ngoLwesibili njengoba yena ebecabanga.
Ngesikhathi efika ehamba nomyeni wakhe uMnuz David Skosana akazange azixake ngokungena ngaphakathi emagcekeni ehhovisi lakhe, uvele wakhuluma nabezindaba esangweni. Ezokuphepha ziye ngokuya ziqina emva kokufika kwakhe.
Uthe amaphoyisa ayalelwe ukuthi amvimbe ukuthi angene ngaphakathi, wathi abaqaphi bakhe batshelwe ukuthi bangazibandakanyi eminyakazweni yakhe yokungena ngaphakathi.
Ekhuluma nabezindaba ukhwele wadilika kuMvikeli woMphakathi osabambile, uNkk Kholeka Gcaleka.
“Ukuvezile lokhu ebengihlale ngikhuluma ngakho. Ungafunga ukuthi ubesebenza nabo laba bashushisi nokuyinto ebingafanele. Bekufanele athule, eyekele umengameli abhekane nalo ludaba,”kusho yena.
Uqhube wathi ngisho nePhalamende alizange liyingene lendaba njengoba belazi ukuthi iqondene nomengameli.
“Kushayisa ngamahloni futhi kukhombisa ukuthi uyikho lokhu akade esolwa ngakho, ukuba umvikeli kamengameli ngoba akakwazi ukwenza lento ayenzayo,” kusho uMkhwebane.
Inkulumo kaMkhwebane iza emva kokuthi ihhovisi likaMvikeli woMphakathi lithe uMkhwebane akasesona isisebeniz kule lihhovisi.
Beliphendula esimemezelweni sikaMkhwebane sokuthi uzobuyela emsebenzini.
“Ubani ongiholelayo? Umengameli uthe ngimisiwe emsebenzini kodwa ngiyakhokhelwa, manje yena useyaqhamuka uzothi angisesona isisebenzi sehhovisi? Yebo ngibika ePhalamende, kodwa ngiyisikhulu esiphezulu sehhovisi (likaMvikeli woMphakathi),” kusho uMkhwebane.
Okhulumela ihhovisi likaMvikeli woMphakathi uNdili Msoki uthe bazwile ukuthi uMkhwebane ubuyela ehhovisi ngoLwesibili.
Uthe kodwa okubalulekile wukuthi usamisiwe futhi umengameli akakaze asho ukuthi usengabuyela emsebenzini.
UMkhwebane waqokwa njengoMvikeli woMphakathi ngo-Okthoba 2016 kanti ihlandla lakhe kulindeleke ukuthi liphele ngo-Okthoba 2016. Yize kunjalo, iPhalamende kulindeleke ukuthi kube yilona elithatha isinqumo ngalo ludaba.