UKHUNGATHEKILE umndeni womfundi ofunda u-matric eMenzi High, okuthiwa selokhu egcine ukubonwa ngoMgqibelo eya esikoleni wangaphinde wabuya.
U-Alwande Dlamini (18) kuthiwa uvuke ekuseni ngoMgqibelo walungela ukuya esikoleni, njengoba befunda nangempelasonto kwazise ufunda u-Grade 12, kanti kuze kube yimanje ubengakaze abuye noma abambe ucingo uma efonelwa.
Unina ka-Alwande, uNksz Hlengiwe Dlamini, uthe yize engahlali nendodana yakhe njengoba yona ihlala koninalume eMlaza yeni ehlala eMobeni Heights, kodwa ayisiye umuntu ozulayo futhi ayikaze ilale ngaphandle njengoba sekuphele izinsuku ezintathu ingaziwa.
“Umzala wakhe abahlala naye uthe uvuke ekuseni ngabo-6 wagqoka wathi uya esikoleni. Sisola ukuthi akafinyelelanga esikoleni ngoba akekho kwafunda nabo othe umbonile ngoMgqibelo abangani bakhe bathe bagcine ukumbona ngoLwesihlanu bephuma esikoleni,” usho kanje.
Uthe okubathusa kakhulu ukuthi ifoni yakhe iyakhala ayibanjwa, kwesinye isikhathi icinywe kanti uma ebhalelwa umyalezo ngesiZulu akaphenduli kodwa uma ebhalelwa ngesiNgisi uyaphendula nokwenza basole ukuthi ifoni yakhe isezandleni zomuntu ongasazi isiZulu.
UNksz Dlamini uthe indodana yakhe yena ayimphenduli kangangoba kuhlule noma sekubhalwe ukuthi ungeniswe esibhedlela ngenxa yokhwantalala oludalwe ukunyamalala kwakhe, ophethe ucingo lwakhe wafunda kodwa wangabuyisa mpendulo nokuyinto engafani naye.
Uthe okubakhathaza kakhulu ukuthi izolo bekubhalwa iphepha lokugcina lokuhlolwa konyaka lwe-Life Orientation, kanti kuyaqalwa kuleli sonto ukubhalwa izivivinyo zokulungiselela ezokugcina zokuhlolwa konyaka.
Enye yezingane ezibhalele enambeni ka-Alwande ithe ibhale ngesiNgisi, kwabuya impendulo ethi “Don’t worry, I will be back rich (Ungakhathazeki, ngizobuya sengiyimpunyela).”
Isolezwe lizamile ukuthinta inombolo yocingo ka-Alwande, kodwa ibisavaliwe kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kushaye isikhathi sokushicilela amaphoyisa engakaphenduli, yize umndeni uqinisekise ukuthi ubikile ngokunyamalala kwaleli lungu esiteshini samaphoyisa eBhekithemba, wadlulisela nenombolo yecala entathelini.