MTHOKOZISI MNCUSENI
I SILOMO senjini ye-Orlando Pirates yakudala, uJohn “Dungi” Moeti, sineqhinga esibona kuzokuba yilona ukhiye wezika-Eric Tinkler wokuwelela kowamanqamu weCaf Confederation Cup njengoba zizovakashela eSuez Stadium, e-Egypt, lapho zizodlala khona owomlenze wesibili we-semi final ne-Al Ahly ngeSonto ngo-8.30 ebusuku.
Ngokusho kukaMoeti uma iPirates ingaphumelela ukuthi ithole igoli esiwombeni sokuqala konke ekufisayo isingaphumelela kukhona. UMoeti ubona ukuthi ukushaya igoli ngokushesha kuzokwenza abadlali be-Al Ahly baxhamazele okuyinto evamise ukuvula izimbobo emuva.
EzikaTinkler zizenzele umsebenzi wathi ukuthamba kancane ngesikhathi ziphumelela ngo 1-0 wegoli likaThamsanqa Gabuza ngeledlule e-Orlando Stadium.
Okuhle ngalo mphumela wukuthi iBucs ayingenelwanga yigoli ekubeni bebengekho oSiyabonga Sangweni noHappy Jele abavala emuva kanti nokaputeni ohlale njalo eyihola njengesibani u-Oupa “Ace” Manyisa ubengekho ngenxa yokulimala. Ukungangenelwa yigoli kusemqoka ngoba okudingwa yiPirates wukudlala ngokulingana ngeSonto.
Ukufakazelile lokhu uMoeti owayekhona kuPirates eyadla isicoco seCaf Champions League ngo-1995 behlula i-Asec Abijan yase-Ivory Coast ngo 1-0 wegoli likaJerry “Legs of Thunder” Sikhosana.
“Okuhle ngalo mdlalo wethu webhola wukuthi akukho ongashaya ngakho phansi uthi ngeke kwenzeke ngosuku lomdlalo. Okusemqoka okwenziwe yiPirates wukushaya igoli bese ivala ukuthi i-Al Ahly ingalinganisi. Kusemqoka kakhulu kule midlalo ukungangenelwa yigoli emdlalweni wasekhaya ngoba uya kowesibili unethuba futhi ukuqonda kahle okufanele ukwenze. Ungaba ungumdlali noma umqeqeshi isimo siyafana,” usho kanje ekhomba leli phephandaba ku-www.goal.com athe ubekhuluma nayo ngento efanayo.
UMoeti uthe kuyinto enhle ukuthi iPirates isike yayibhuquzisa ngo 3-0 isekhaya i-Al Ahly eminyakeni emibili edlule.
“Lokhu kukodwa kwenza kwayona i-Al Ahly ibe netwetwe. Ukuthola igoli kuqala yikhona kanye okuzolandisa leli twetwe ngoba bonke abaxhumene nayo i-Al Ahly bayazi ukuthi iPirates iyakwazi ukudlala uma ithanda. Ngicabanga ukuthi zonke lezi zinongo kufanele zimqinise idolo uTinkler ngokufanele akusho kubadlali bakhe uma esebakhuthaza. Akekho ongazi ukuthi yibona abazobe behlasela ngoba badlalela ekhaya futhi balandela ngemuva kodwa lokhu yikhona okuwukhiye ekunqobeni kwePirates nokuhluleka kwayo ukudlulela kowamanqamu,” kusho le nkakha.