UMNDENI wesitshudeni esagazwa safa, esigamekweni okuboshwe kuso isoka elinguyise wengane esenzeke ngenyanga edlule, ukhathazwa wukuhlehla kwecala okwenza amanxeba aqhubeke nokubhibha kuwo.
UMnuz Phumlani Dube (28), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, njengoba ebhekene necala lokubulala uNksz Nothando Mnyandu (27) okusolwa ukuthi wamhlasela wamgwazela ngaphakathi emagcekeni ekolishi abefunda kulo i-Coastal College elikwa-V, eMlaza, emini kwabha kubuka onogada nezinye izitshudeni.
Ngesikhathi evela, inkantolo inqume ukulihlehlisela uJanuwari 28, ngonyaka ozayo, icala njengoba ithe kusaphenywa. Ummangalelwa ubhadle esitokisini njengoba kuthiwa inkantolo yamenqabela ibheyili.
Unina kamufi, uNkk Nomusa Mnyandu ekhuluma neSolezwe emva kokuhlehla kwecala, uthe umndeni kuwufaka kwezinkulu izindleko, futhi kubhibhisa amanxeba aseqala ukuphola, ukwehla wenyuka ezinkantolo ngalolu daba.
“Siyaya enkantolo eMlaza sisuka eLovu, okusho ukuthi kusuke kufanele sigibele kabili. Sifuna ukuzibonela kwenzeka ubulungiswa. Siyafisa ukuthi lingadonsi kakhulu icala, kusheshe ngoba vele wabanjwa (umsolwa) eqeda ukwenza umonakalo. Sinokuzwa ukuthi lingase liye enkantolo enkulu okusho ukuthi kumele silindele ukuthi liqhubeke nokuhlehla nangonyaka ozayo,” usho kanje.
UDube okuthiwa ubewusicabha ematekisini aseGalleria Mall, uboshwe ngosuku okwenzeka ngalo isigameko, kuthiwa wanikela ekolishi okufunda kulo umufi owunina wengane yakhe eneminyaka eyisikhombisa, wadlubulundela wangena ngaphakathi, wamgwaza kubuka onogada nezinye izitshudeni.
Kuthiwa umsolwa wayedinwa ukwaliwa, esola umufi ngokuzenza ngcono ngoba nakhu esefundile.
Kuthiwa izitshudeni namanye amalungu omphakathi amjaha ummangalelwa wabanjwa wanikelwa emaphoyiseni, kanti umufi waphelela endaweni yesehlo.
UNksz Mnyandu ubenza unyaka wokugcina weziqu ze-Civil Engineering.