ZIVELE zazehlela izinyembezi kummangalelwa wesibili olahlwe yicala lokuthumba nokubulala okuhleliwe iphoyisa elangqongqiswa nemoto yalo eMariannhill, eThekwini ngesikhathi somtapo.
USibusiso Ndlela owayeneminyaka engu-19 ngesikhathi kwenzeka icala uze wangiwa nawunina naye obekhala izinyembezi.
Izolo iJaji leNkantolo eNkulu yaseThekwini, uCarol Sibiya, lilahle nommangalelwa wokuqala uMuzikayifani Ndebele ngecala lokuzama ukubulala uConstable Zolani Zuma.
Laba bobabili kulindeleke ukuthi bagwetshwe ngo-Okthoba 9 nonyaka. Ijaji libuchithile ubufakazi bukaNdlela lakhala ngokuthi bebugcwele amaphutha namanga.
“Ube ngufakazi ongathembekile nobelokhu eshintshashintsha incazelo. Ubufakazi bakho bebungamanga futhi inkantolo iyabuchitha. Wawunethuba lokuthi uziqhelise nokwakwenziwa kubulawa umufi kodwa waba nenhloso efanayo nababulala ngokushisa umufi,’’ lisho kanje.
Ijaji liphinde laveza ukuthi liyabuthemba ubufakazi obethulwa uMnuz Nzuzo Mngadi bokuthi yena noNdlela yibona abamgqokisa oplastiki bakadoti umufi maqede bamfaka ebhuthini yemoto yakhe.
Lithe uNdebele ngesikhathi edubula uZuma amahlandla amabili wayenenhloso yokumhlasela ngoba wayazi ukuthi uma udubula umuntu kuyenzeka ashone.
Ligcizelele nokuthi liyabemukela ubufakazi bokuthi umufi wabulawa ukushiswa nokuhogela intuthu.
Uyise kamufi, uMnuz Nkosinathi Zuma uthe kuyamjabulisa ukulahlwa ngamacala kwala madoda yize indodana yakhe ingasekho futhi ingeke isabuya.
Uthe akumphathanga kahle ukuthi okuyibonabona ongqondongqondo ababulala indodana yakhe basagcwele amathafa.
Lokhu wakudlulisela nakuMshushisi u-Advocate Krishen Shah obese emtshela ukuthi lowo ngumsebenzzi okumele wenziwe ngamaphoyisa.
Enkantolo bekukhona izihlobo zikamufi zakoninalume. Uvele waphuma enkantolo wahamba uyise kaNdlela ngemuva kokuzwa ukuthi indodana yakhe ilahlwe yicala.