UGQEMEKE udume lwengozi uMfundisi Timothy Omotoso (63) ngesikhathi iNkantolo eNkulu eGqeberha ichitha isicelo sakhe sokukhishwa phambili emacaleni. U-Omotoso odabuka eNigeria, waboshwa ngo-2017 ngamacala okunukubeza ngokocansi.
U-Omotoso waboshwa yithimba loKlebe esikhumulweni sezindiza nalapho okusolwa ukuthi wayezama ukweqa aphikelele kwelinye izwe. Waboshwa wanqatshelwa ibheyili selokhu abhadla ejele kusukela ngesikhathi eboshwa kuze kube manje.
Uboshwe nabanye uNksz Lusanda Sulani ( 41) noNksz Zikiswa Sitho ( 33) babhekene namacala esewonke angu-32. Amacala abethweswe u-Omotoso aqala engu-63 amanye agcina ehoxiswa ngenxa yokuthi abanye ofakazi bebengasezi enkantolo ukuzofakaza.
U-Omotoso ubefake isicelo sokuthi kuchithwe amacala bese yena ekhishwa phambili. Ubesola uMbuso ngokwehluleka wukuletha ubufakazi obuqanda ikhanda obungamgojela.
Uphinde asole uMbuso ngokungahambisi ngendlela ngesikhathi kuqulwa icala kwaze kwashintshwa umshushisi. Inkantolo ithe akukho okwenziwe wuMbuso okudale ukuthi icala liqulwe ngendlela engenabo ubulungiswa.
U-Omotoso kuthiwa wayezitika ngamalungu ebandla, abasebenzi nabanye ababesebandleni lakhe. Kuthiwa wayebamemela emahhotela abatshele ukuthi abavale izingcingo zabo balaliswe egumbini elilodwa bese elokhu edonsa ngamunye ambizele ekamelweni.
Okhulumela i-NPA e-Eastern Cape uNoxolo Tyali, uthe ubufakazi obuphambi kwenkantolo buqanda ikhanda. Uthe lesi sinqumo sisho ukuthi balethe ubufakazi obanele ukugojela u-Omotoso.
Icala lihlehlele uNovemba 13 lapho okulindeleke ukuthi ithimba labameli babamangalelwa liqhubeke lenze izethulo phambi kwenkantolo. Abezokushushisa bathe banethemba lokuthi icala lizomgojela u-Omotoso bese ethola isigwebo esimfanele.