UKHALE ngesibalo esiphezulu sabantu abadla baphinde bayeke imishanguzo yokuthithibalisa igciwane iHIV neyesifo sofuba iTB uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane.
Ekhuluma ngesikhathi esiShayamthetho eMgungundlovu izolo, uNksz Simelane ukhale nangesibalo esiphezulu sentsha ekhululelwayo esifundazweni.
Uthe ngenxa yezinga eliphezulu labantu abalaxaza imishanguzo, banemikhankaso abayenzayo ukubanxenxa ukuthi bayidle.
“Somlomo, sikhathazekile ngesibalo esiphezulu salabo abayeka imishanguzo. Sinemikhankaso efana neSiyabamukela, esiza ekutheni sibagqugquzele asebeyiyekile ukuthi babuye bazoyithatha,” kusho uNksz Simelane.
Ubalule ukuthi babanxenxa nje ngoba ngesikhathi kudlange iCovid-19, abanye abantu bebesaba ukuya ezikhungweni zempilo.
Uthe nesihlava sokukhulelwa kwentsha kasivumi ukudamba njengoba ziningi izingane ezibelethayo.
“Ezikhungweni zethu intsha ebelethayo ingu-17.4% kulabo abasuke bebelethile. Yinto esikhathazayo ngoba siphezulu kakhulu lesi sibalo.”
Kuke kwakhalwa ngesibalo sentsha ekhulelwa isencane. Kusolwa nokuthi ikhuleliswa ngabantu abadala njengoba kuke kwaba nemikhankaso yokulwa no-sugar daddy abathandana nezingane ezincane.
UNksz Simelane ubalule nokuthi siphezulu isibalo sabanesifo socansi i-syphilis.
UNksz Simelane ubuye wakhala ngokuhamba kancane kohlelo lokufaka ubuchwepheshe besimanje ezibhedlela.
“Lolu hlelo luhamba kancane futhi lunezinselelo ngoba kudingeka engabe sifuqa i-e-Health ukuze singasebenzisi amafayela ezibhedlela.”
Umnyango ufuna ukusebenzisa lolu hlelo ezibhedlela nasemitholampilo ukuze kube lula ukuthola imininingwane yesiguli.
Ethula isabelomali somnyango wakhe uNksz Simelane uthe bafuna ukuthi zisuka amadaka ngonyaka ozayo, balufake uhlelo ezibhedlela ezingu-20, sebeqeqeshe abahlengikazi abangu-543 nodokotela abangu-183 esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlaza.
Esibhedlela iMadadeni kuqeqeshwe abahlengikazi abangu-258 nodokotela abangu-32.