UYAVEVA umlimi osola uMasipala wesiFunda iZululand ngokugweva ukumkhokhela imali yezinkomo umkhandlu owayikhipha ngesikhathi kugcotshwa inkosi yaseMbongobongweni, uMzamo Buthelezi, nowakhalisa ngayo umndeni wenkosi yakwaMpungose oLundi ngesikhathi kushona indodana yenkosi.
UMnuz Siphiwe Sithole uthe sekuphele isikhathi eside umasipala ungafuni ukumkhokhela imali yalezi zinkomo.
USithole uthe wahlinzeka umasipala ngenkomazi ngesikhathi kugcotshwa uButhelezi, waphinde wenza okufanayo nangesikhathi umasipala uyokhalisa inkosi yakwaMpungose.
Uthe sezihlangene lezinkomo zibiza u-R42 000.
USithole uthe usegqigqe emahhovisi omkhandlu waze wakhathala.
“Uma ngiya khona ngifike ngiyiswe le, nale. Okubuhlungu ukuthi bona bayahola, mina angikhokhelwa. Njengoba kukade kuwumhlaka-25 nje, bona baholile, mina angitholanga lutho. Bona bayaqhubeka nezimpilo zabo, mina ngilinde ukukhokhelwa imali yami.”
Umcimbi wokugcotshwa kwenkosi yaseMbongobongweni wawuhanjelwe nayiSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini kanye nezikhulu zikahulumeni.
USithole uthe okumcasulayo ukuthi umasipala wafike wanconywa ngokuletha inkomo ongasafuni manje ukuyikhokhela.
“Angithi babefuna ukuyobukwa, manje ke abasafuni ke ukukhokha.”
USithole uthe ukungakhokhelwa kwalezi zinkomo kuphazamisa ibhizinisi lakhe.
Uthe uziphilisa ngokuthenga izinkomo ezindalini eDundee, Newcastle, Mooi-River, naseVryheid.
“Ngiyaye ngizithathe lezi zinkomo, ngizozidayisa lapha oLundi. Uyacabanga ukuthi ngabe yimalini esengiyenzile ngalo-R42 000 abangafuni ukungikhokhela wona kulezi zinyanga ezine? Kubuhlungu ngoba sicindezelwa yiwo umkhandlu singabantu abamnyama. Uma beyothenga emabhunwini, bafike bakhokhe ngaso leso sikhathi, kuthina bantu abamnyama abakhokhi.”
USithole uthe nasekhaya impilo ayihambi kahle.
“Izingane zami azikhokhile ezikoleni. Kukhona efunda eMooi River. Njengoba kuzovulwa izikole nje kuthiwe ingabuyi ingakhokhile. Angazi ukuthi kufanele ngenze njani manje.”
USithole uthe akasafuni ukuphinde asebenzisane nalo mkhandlu.
“Into nje engiyifunayo ukuthi bangikhokhele imali yami bese ngiyaphuma kubona.”
Umasipala uthe uSithole uzokhokhelwa maduze, wathi empeleni kufanele engabe kade akhokhelwa.
Ngokwempendulo, umasipala uthe inkinga idalwe ukuthi uSithole washintsha imininingwane yasebhange ngesikhathi uhlela ukumkhokhela.
"Saxoxa naye izikhathi eziningi, elokhu ephika ukuthi ushintshe imininingwane. Besilokhu simncenga ukuthi akalethe okukhombisa ukuthi useshintshe imininingwane yasebhange. Useze wakuletha konke, imali yakhe uzoyithola maduze."