OMELE iBuild One SA Movement (Bosa) embangweni wesikhundla sikaNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Ntokozo Biyela ukhala ngamathuba okufukula umnotho wesifundazwe athi awasetshenziswa.
UBiyela uthe iKwaZulu-Natal ingaba yisikhondlakhondla kwezomnotho uma kungasetshenziswa amathuba akhona.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma neSolezwe lapho ephawula khona ngokuqokwa kwakhe ukungenela umbango wesikhundla sikaNdunankulu waKwaZulu-Natal.
UBiyela uthembise ukusebenzisa lamathuba ezomnotho ukufukula iKwaZulu-Natal uma benqoba okhethweni oluzayo.
Uthe iKwaZulu-Natal inamachweba amabili amakhulu, elaseThekwini nelaseRichard’s Bay, angasetshenziswa ngokugcwele.
“Maningi amathuba akhona kula machweba, kuphinde kube nezimayini ezingakatholakali. Uma kungavulwa lezi zimayini, maningi amathuba angavela,” kusho uBiyela.
Umbango wokuhola iKwaZulu-Natal mkhulu, lesi sifundazwe singesesibili ngokwesibalo sabantu abaningi ababhalisele ukuvota.
UBiyela uthe babheke ukuthi intsha kube yiyona ezobaweza embangweni wokuhola isifundazwe.
Kubantu abangu-27.79 million ababhalisele ukuvota kuzwelonke, abangu-11.7 million baneminyaka ephakathi kuka-18 no-39.
“Umbango mkhulu kakhulu KwaZulu-Natal, sizibona sinethuba. Konke kusezandleni zabantu bakhona. Kukubona ukuthi ngabe bayafuna yini ukuholwa abaholi abanamava, sizokhuluma nentsha, siyicele ukubambisana nathi.
“Sizoyinxusa ngokuhambisana nathi ngoba inhloso enkulu yethu ukwenza isiqiniseko sokuthi iba nekusasa eliqhakazile,” kuqhuba uBiyela.
Udalule ukuthi balungiselela ukwethula umqulu wezethembiso KwaZulu-Natal cishe ngo-Ephreli yize usudlulile okazwelonke, bebesalindele ukuthi kumenyezelwe ozomela iqembu kulesi sifundazwe.
UBiyela ongowokuzalwa eNquthu, useke wabamba izikhundla ezahlukene ezinkampanini ezinkulu usekulungele ukuphatha iKwaZulu-Natal kanti akawangabazi amava anawo.
Isimemezelo sokuthi uBiyela uzomela iBosa kwesobundunankulu ngoLwesihlanu kanti nguyena kuphela osamenyezelwe kweso balesi sifundazwe.
Okhulumela iBosa kuzwelonke uMnuz Roger Solomons uthe bakhethe ukuqala KwaZulu-Natal ngenxa yombango oshisa phansi khona.