UNINA wentombazane ephila nokukhubazeka emqondweni okuthiwa idlwenguliwe emasontweni edlule, akaneme ngendlela amaphoyisa aseGlencoe adembesela ngayo ukuphenya ngalezi zinsolo.
Unina womgilwa, esingeke simdalule ukuvikela okuthiwa unukubeziwe, uthe indodakazi yakhe yadlwengulwa emijondolo yaseMarikana, khona eGlencoe, ngo-Okthoba 5 ngabo-5 ntambama.
"Sazama ukushayela amaphoyisa kodwa saphazanyiswa ngukucima kukagesi. Ngenhlanhla sathola imoto yosonhlalakahle eyasiphuthumisa esiteshini samaphoyisa lapho safike senza khona konke ngaphambi kokudluliselwa esibhedlela ukuba ayohlolwa."
Uthe nakhona bakwenza konke kusukela ngoLwesithathu kwaze kwaba wuLwesine. Uthe amaphoyisa athembisa ukufika ekuseni ngoLwesine kodwa kwaze kwadlula uLwesihlanu engafiki.
"Ngavuka ngaya khona esiteshini samaphoyisa ngakusasa ngiyobuza ukuthi amaphoyisa abanjwe yini ngoLwesine kodwa angitshela ukuthi maningi amacala alolu hlobo kodwa amaphoyisa mancane. Umseshi wathembisa ukufika ngoMsombuluko ukuze ayophelezela umntwana ukuba ayokhomba indawo yesigameko kodwa lutho ukufika."
Uthe kwaze kwafika omunye umseshi ngolunye usuku wafike wakhuluma nendodakazi yakhe kodwa wabuye wahamba ngoba ethi kufanele ayolanda amakhamera eNewcastle.
"Sathi asheshe abuye ngoba umntwana uyashesha ukukhohlwa njengoba enokukhubazeka emqondweni. Naye wahamba wangabuya."
Uthe baqhubeka nokushayela amaphoyisa kodwa bengakutholi ukusizakala. Uthe bekunzima ukuhamba nendodakazi yakhe ukuze iyomkhombisa lapho yadlwengulelwa khona ngoba isahamba kabuhlungu emuva kwalesi sigameko futhi bayesaba ukuhamba bodwa bengasifazane.
Uthe ugcine efikile umseshi kodwa indodakazi yahluleka wukukhomba indawo ngoba izindlu ziyafana eMarikana. Uthe kuze kube yimanje amaphoyisa akaphindanga abuya.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ucele ukunikezwa inombolo kanina kamgilwa ukuze alandelele lolu daba.