USIHLALO weKwaMashu Taxi Association uMnuz Philani "Splash" Ngwenya uthembise umphakathi waKwaMashu ukuthi uzowakhela istudiyo esiseqophelweni eliphezulu ngenhloso yokuthuthukisa intsha yakuleli kwezobuciko emcimbini obusehholo lomphakathi eNkanyisweni, KwaMashu esigcemeni sakwa-F muva nje.
UNgwenya uveze lokhu ngesikhathi enomcimbi obizwa nge-INK Kasi Experience Business Empowerment, lapho intsha ibifundiswa ngezinto ezithinta ubuciko.
Lo mcimbi ubuhanjelwe yizinkakha kwezokulingisa kanye nezomculo okubalwa kuzo oMnuz Mbuso Khoza, Professor, Edmund Mhlongo ongumsunguli we-K-CAP kanye noMthunzi Dubazana oyi-Creative Director emdlalweni wethelevishini, Uzalo.
Ekhuluma nabezindaba, uthe uhlele lo mcimbi ngenxa yothando analo ngentsha yaKwaMashu .
"Angiyena umuntu ogxile kakhulu ezintweni zamaciko kwazise ngisemkhakheni wamatekisi namanye amabhizinisi, kodwa ngenxa yothando enginalo ngentsha yalapha KwaMashu ngithe akube nalo mcimbi. Inhloso yawo bekuwukuthi labo asebephambili kwezobuciko bazocobelela intsha efisayo ngelinye ilanga ukuziphilisa ngakho ukucikoza, okungaba ukucula, ukulingisa nokunye,” kusho uNgwenya.
Uthe istudiyo azosakha ufisa sikhiqize abalingisi, abaculi nabahleli bamafilimu abazohlonishwa umhlaba wonke.
Entsheni ebihambele umcimbi kubalwa abafundi bezikole iNqabakazulu Secondary, iSibonelo High, uMzuvele High namalungu omphakathi.
UNgwenya uphinde abe ngumhleli wendumezulu yomcimbi oba njalo ngoDisemba obizwa nge-INK Kasi Experience oba sePrincess Magogo Stadium kulo nyaka ozobe uqeda iminyaka engu-10 wasungulwa. Kulo nyaka udalule ukuthi kuzobe kunabaculi okubalwa kubo uMurda Bongs, Sjava, Lwa Ndlunkulu, Saliwa asebeqinisekisile ukuthi bayobe beyingxenye yawo.