SELULELWE unyaka ozayo isikhathi sokubhalisa ngokusemthethweni amabhizinisi abo kwabezipaza nabadayisa emigwaqweni.
Bekulindeleke ukuthi uLwesibili kube wusuku lokugcina lokuthi bonke abanalolu hlobo lwamabhizinisi bawabhalise komasipala abahweba kubo, kodwa sebephinde banikezwa elinye ithuba.
Esithangamini songqongqoshe beminyango ehlukene nabezindaba ePitoli, owoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Velenkosini Hlabisa, uqinisekise ukuthi lolu hlelo lokubhaliswa kwamabhizinisi sekuhlehliselwe uFebhuwari 28.
UHlabisa uthe umsebenzi wokuqinisekisa ukuphepha kwezindawo ezidayisa ukudla nokungena kwempahla ngendlela engekho emthethweni, uzoqhubeka nangesikhathi sokudlula kwalo mnqamulajuqu osubekwe uhulumeni.
“Abazothola izimvume ezibagunyaza ukudayisa, kuzoqhutshekwa nokubhekwa ukuthi bayayilandela imigomo ebekiwe, ephephile yokuphatha nokudayisa ukudla. Ukubhaliswa kwala mabhizinisi, kwenzelwe ukuqinisekisa ukuthi abanikazi bayayihlonipha imigomo ebekiwe kungakhathalekile ukuthi phambilini bebesebenza kanjani,” usho kanje.
Uthe mningi umsebenzi osuwenziwe esikhathini esiyizinsuku ezingu-21, emva kokuthi uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele ukuthi kubhaliswe. UHlabisa uthe kuzwelonke, zingu-392 izikhungo zokubhalisa ezivuliwe. Zingu-49 915 izicelo ezifakiwe phakathi kukaNovemba 15 noDisemba 17. Kuzona, ezingu-19 385 sezigunyaziwe ukuqhubela nokuhweba. UHlabisa uthe lokhu kusho umsebenzi omkhulu osuwenziwe oqhubekayo, esikhathini esiyizinsuku ezingu-21.
Ukubhaliswa kwamabhizinisi kudalwe ukufa nokugula kwabantu okukholakala ukuthi badla abebekuthenge ezitodlwana ezithile, okugqame kakhulu ukushona kwezingane.