SIZOVALWA nguMengameli weqembu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, isihlalo sasePhalamende esivele ngemva kokukhothama komsunguli we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi.
Inkosi uShenge ebingumholi wekhokhasi ye-IFP ePhalamende, ikhothame ngenyanga edlule yatshalwa esigodlweni KwaPhindangene, eMahlabathini.
Kuvela ukuthi isigungu esiphezulu se-IFP sihlalile izolo, sanquma ngesihlalo sikaShenge ePhalamende nezinye izikhundla okuxoxwe ngazo. Okhulumela i-IFP kuzwelonke uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthumele abezindaba isitatimende esichaza ngezinqumo zeqembu.
UHlengwa uthe uma uHlabisa eya ePhalamende, kuzovuleka isikhala esiShayamthetho KwaZulu-Natal. UHlabisa ubehola ikhokhasi ye-IFP esiShayamthetho sesifundazwe kanti leso sikhundla sizovalwa nguSihlalo weqembu kuzwelonke, uMnuz Blessed Gwala.
UGwala ubenguSotswebhu we-IFP eSishayamthetho, leso sikhundla sesizovalwa nguNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa, oyiPhini likaSihlalo kazwelonke eqenjini.
Iqembu liphinde lamemezela ukuthi uMfundisi Musa Zondi uzojutshwa esiShayamthetho sesifundazwe. UMfu Zondi uthathwa njengomakadebona we-IFP ngoba wayengunobhala-jikelele wayo kudala. I-IFP isanda kumemezela ukuthi uZondi ufakwe esigungwini esiphezulu seqembu.
UHlengwa uthe izinguququko zizokwenzeka ngokushesha, ngeke kusapholiswa maseko futhi iqembu lizosebenza nePhalamende ukuze kugcinwe imicikilisho efanele.
Uthe lezi zinqumo zithathwe ngenhloso yokuthi kuqhubekele phambili umbono womsunguli weqembu.
“Iqembu lihlose ukuthi kube nokwedluliswa kwamandla ngokuthula futhi linethemba lokuthi kuzoqhubeka umbono kaMntwana wokuthi kube nobumbano. Siyethemba ukuthi iqembu lizohlabela phambili libheke udaba lokhetho lukazwelonke,’’ kusho uHlengwa.
Uthe bayamethemba kakhulu uHlabisa futhi bamfisela okuhle kodwa njengoba eseyothatha isikhundla sokuhola iqembu ePhalamende.