UTHOLE umvuzo weminyaka engu-25 ebhadla ejele owesilisa waseMbumbulu, eThekwini owagqekezela ugogo wakhe, wabulala isihlobo asifica ngaphakathi endlini.
USibusiso Sithole owayena-23 ngesikhathi sesigameko ngoJanuwari 2018, uphinde wagwetshwa iminyaka eyisikhombisa ngecala lokugqekeza ngenhloso yokweba.
Uvume icala lokubulala uNksz Nozipho Zuma endlini kagogo wakhe bantshontsha ifoni i-nokia nemali engu-R1 500.
Ngeledlule uSithole wakhihla esikaNandi enkantolo eNkulu yaseThekwini lapho asukuma wama phuhle, waxolisa emndenini wakhe owawukade ukhona maqede walivuma icala.
Watshela inkantolo ukuthi yena kade ayefuna ukulivuma icala kodwa esaba umngani wakhe, uMnuz Sifundo Phewa athe bagqekeza naye.
UPhewa ongummangalelwa wokuqala yena oliphikayo icala kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngo-Okthoba 2.
Evuma icala uSithole wathi yena noPhewa baya emzini kagogo wakhe oseMvuzane, eMbumbulu bafike bagqekeza babulala ifastela lomnyango bangena ngaphakathi.
Sebengaphakathi futhi bengazelele babonwa wumufi futhi ebazi.
“Ngayalela umufi ukuthi asiye naye ekamelweni lapho engafike ngamklinya khona waquleka. Waphaphama singaphakathi endlini, uPhewa wambeka umcamelo ebusweni kodwa wangafa.
“Mina ngaya ekhishini ngayolanda ummese ngawunika uPhewa owabe esegwaza umufi amanxeba amaningi mina ngimbambile ngimcindezele phansi,’’ kuchaza uSithole.
Ijaji elibambile uKevin Gounden uthe yayinonya futhi inobuqaba into uSithole ayenza ngesikhathi ebulala umuntu oyilungu lomndeni wakhe.
Liphinde lafunda isitatimende somndeni kamufi esiveza usizi nobuhlungu bokushiywa yilungu lawo ngesandla somuntu wasemndenini.
“Wenza icala elinobulwane kangaka ngoba ufuna imadlana nefoni. Wabona ukuthi uthathe impilo kamufi ngoba wayekubonile ukuthi ungubani.
“Inkantolo kumele ikunike isigwebo esiqinile nakwabanye abacabanga ukwenza amacala alo luhlobo ukuthi bayojeza kanzima,’’kusho ijaji.
Enkantolo bekungekho ngisho ilungu elilodwa lomndeni kamufi noSithole njengoba kwenzeka phambilini mhla evuma icala.