INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu imgwebe iminyaka engu-50 owesilisa owabulala ngokudubula ikhansela le-IFP nesihlobo salo eMtshezi, ngo-Agasti 2019.
Inkantolo ithe u-Ayanda Siyanda Mshengu wabulala uMnuz Mthembeni Excellent Majola noSithembiso Promise Mahlinza esehlakalweni esenzeka emgwaqweni u-R105.
Wasinda ngokulambisa umshana kaMthembu kulesi sehlakalo. Inkantolo igwebe uMshengu iminyaka engu-25 icala ngalinye lokubulala nemihlanu ngokuzama ukubulala.
UPhiko lwezokuShushisa, iNational Presecuting Authority (NPA), KwaZulu-Natal, luthe inkantolo ichezukile esigwebeni sikadilikajele esibekwe umthetho ngoba uMshengu wakhombisa ukuzisola futhi walivuma icala ekuqaleni.
Okhulumela iNPA kulesi sifundazwe, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe uMshengu uzodonsa iminyaka engu-25 kuphela ejele ngoba izigwebo uzozidonsa kanye kanye.
Uqhube wathi ukubulawa kukaMajola kwakuhlobene nombango wezepolitiki wezinhlangothi ezimbili ngaphakathi eNkatheni kuleya ndawo ngaleso sikhathi.
Kuthiwa uMajola wayeyikhansela, ehola uhlangothi oluthile futhi base beke bazama ukumbulala wasala enokukhubazeka. Kubikwa ukuthi lolu olunye uhlangothi lwalungayizwa indaba yakhe, lumfuna eye kwagoqanyawo.
INPA ithe langa limbe uMajola wayehamba ngemoto ephelezelwa ngumshana wakhe noMahlinza.
“Bengazelele abagilwa kwaqhamuka imoto okwehla kuyona amadoda, kukhona noMshengu, avulela ngenhlamvu ebhekise kubona. UMajola benoMahlinza babulawa wukudutshulwa amahlandla amaningi. UMshengu waboshwa ngamaphoyisa eSoweto (eGoli),” kusho iNPA.
Enkantolo uMbuso ubufolosa ngabashushisi abango-Advocate Lawrence Gcaba, Elvis Gcweka noNhlanhla Shange.
Laba abathathu basebenzise ubufakazi bephoyisa elabopha uMshengu, obukamgilwa owasinda, nalapho lendoda ivuma ngokwayo icala futhi ikhomba indawo okwenzeka khona isigameko.
“Ekuhambeni kwesikhathi uMshengu waphika enkantolo ukuthi nguyena owabulala futhi wakhomba indawo yesigameko. Kodwa ubufakazi obuqanda ikhanda, obenekelwa inkantolo wuMbuso, bugcine bumgojele uMshengu,” kuchaza uNkk Ramkisson-Kara.
UMbuso uphinde wethula nezitatimende zamalungu omndeni kaMajola ezimchaze njengomuntu owayenesihe, enothando futhi ewunakekela umndeni wakhe nomphakathi. La malungu athi kwabashiya nesilonda ukubulawa kukamufi.
“Kudla lubi ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal ngakho sinethemba lokuthi izigwebo zalolu hlelo zizolekelela ekunqandeni lesi sihlava. INPA nozakwabo bazimisele ngokubopha futhi ishushise ngempumelelo abenzi bobubi. Siyasemukela lesi sigwebo futhi sincoma ukusebenzisana okuhle nethimba lamaphoyisa eliphenya ngamacala athinta ukubulawa kosopolitiki,” kuchaza uNkk Ramkisson-Kara.