OWASINDA betalajwa amaNdiya ePhoenix ngezibhelu zangoJulayi 2021 uvukwe umunyu, maqede wakhomba umsolwa athe uyena owadubula wabulala owayewumfundi ka-matric, uMondli Majola (19).
UMnuz Mxolisi Putuzo waseMawoti, eNanda, ongumngani kaMondli futhi owayehamba naye behlaselwa, wethule ubufakazi enkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.
Bekuvele izelamani zakwaGovender, uDylan noNed abangaphandle ngebheyili ngecala lokubulala uMondli nawokuzama ukubulala ababehamba nomufi.
UPutuzo ukhombe uDylan wathi wuyena owadubula inhlamvu eyagingqa phansi uMondli ngaphambi kokuthi athelekelwe ngezinduku nezagila amaNdiya okwakungathi athelwe ngezibonkolo.
UPutuzo uthe babehamba belandelana bebane ePhoenix futhi bengahlome ngalutho ngesikhathi kuvumbuka amaNdiya ayisithupha phambi kwabo abayalela ukuthi mabajike baphindele lapho beqhamuka khona.
Uthe kulowo mnyama kwase kuqhamuka imoto eyayigcwele amaNdiya elinye lawo eladubula libhekise komunye ababehamba naye kodwa lamgeja.
Uthe bavele babaleka bahlukana ase eqhamuka emaningi amaNdiya esebahubha. Yena noMondli nomunye wesilisa owayegqoke isikibha babaleka bangena emzini owawungabiyelwanga owawuseduze komgwaqo bacasha emva kwendlu.
“Kwaqhamuka amaNdiya amabili athi asiphume sibaleke. Lapho kwavele kwafika namanye ayekade ephethe izinduku mina noMondli saphuma sabaleka ngoba ayefuna ukusishaya. UMondli wayebaleka phambi kwami kanti sizozithela phambi kwamaNdiya esesivimbile ngaphambili,’’ kulandisa uPutuzo.
Eqhuba uthe elinye lamaNdiya abaqhamukela kuwona laliphethe isibhamu lase lidubula libhekise kuMondli owashibilika wawa phansi.
Uthe yena wabe eseshintsha indlela wazama ukubalekela kwamakhelwane wakulo muzi ababekade beqale bacasha kuwona.
Uveze ukuthi ngaleso sikhathi wayesemshiyile uMondli sebemshaya.
“Nami ngavinjezelwa ngamaNdiya aqala angishaya ngenduku, elilodwa langishaya ngobhushu emlenzeni wangakwesokunxele. Lawa amanye amaNdiya ayesengithelekela aze athi mangisukume ngibaleke. Ngesikhathi sengizama ngibaleka elinye iNdiya langigwaza emhlane ngahlangana nomama engimaziyo ongumakhelwane wami eMawoti owangihlenga engithatha engiyisa ekhaya,’’ kuchaza uPutuzo.
Ubekade ethula ubufakazi bakhe eholwa nguMshushisi u-Advocate Nelson Mbokazi woMbuso.
UPutuzo ubethatha inkantolo eyibeka ngokwenzeka waveza nokuthi wamkhomba umsolwa nangesikhathi esesiteshini samaphoyisa iBrighton Beach ngoJulayi 29, 2021.
Abasolwa baqale banqatshelwa izikhawu eziningana ibheyili ngesikhathi bevela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam kodwa bagcina beyitholile.
UMnuz Jeetendra Jakisson owayengumsolwa wesithathu kuleli cala washonela esibhedlela exinwe ukugula kwazise wayesagcinwe ezitokisini zejele eWestville.
Kwashona abantu abangaphezu kuka-350 ngezibhelu KwaZulu-Natal naseGauteng, abangu-36 kulesi sibalo baqothwa ePhoenix. Kwadaleka umonakalo obalelwa kuR50 billion emnothwene, kwaphela imisebenzi engaphezu kuka-150 000.