UNGQONGQOSHE wezaManzi nokuThuthwa kweNdle uNksz Pemmy Majodina, usekhwele wadilika komasipala abangayitshali imali ukulungisa ingqalasizinda yamanzi.
UNksz Majodina uthe lokhu kwenza ukuthi umphakathi ungawatholi ngendlela amanzi ekubeni izwe lingakafiki esimeni sesomiso.
Uveze ukuthi izwe lisenamanzi enele kodwa kuzoba yinkinga uma kungukuthi ayinqandwa inkinga yokuvuza kwamapayipi amanzi aphelele emhlabathini.
Ubalule ukuthi inkinga yokuvuza kwamapayipi amanzi ihlasele kubona bonke omasipala.
‘“Siyalele omasipala ukuthi bathathe imali bakhokhele izinhlaka ezibaphakela amanzi. Sibayalele ukuthi basukumele nenkinga yokuvuza kwamanzi ezweni. Uma le nkinga ingalungiswa, noma singenzani amanzi ayoshoda.”
Uthe basebenzisana noMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kanjalo nenhlangano iSalga, ukuze omasipala bakhokhele amanzi abawakweletayo.
Uthe imali eqoqwa omasipala bakhokhela ngayo ezinye izinto bayeke ukulungisa izinto ezithinta amanzi.
“Eminye imikhandlu yaxwayiswa ngokuthi yandise ingqalasizinda yamanzi ngenxa yokukhula kwesibalo sabantu. Eminye yale mikhandlu yakushaya indiva lokhu okwenza manje kube nenkinga yokushoda kwamanzi ezindaweni ezehlukene,” kusho uNksz Majodina ekhuluma ngesimo samanzi ezweni izolo nesiteshi sethelevishini i-eNCA.
Uthe kukhona isikhathi eKapa lapho kwase kusele cishe izinsukwana ngaphambi kokuphela kwamanzi.
Ubalule nokuthi nezakhamuzi kumele zibambe iqhaza, zisize omasipala.
“Nezakhamuzi kumele zikhokhele izidingo. Azikhokhele amanzi eziwatholayo. Kodwa uma umphakathi ungawatholi amanzi, uzoba manqika ukukhokhela amanzi, ngeke uyikhokhele into ongayitholi,” kuqhuba uNksz Majodina.
Ephendula imibuzo ePhalamende ngeledlule,oyiPhini likaMengameli uMnuz Paul Mashatile, ingxenye yezimpendulo beyimayelana nenkinga yamanzi ezweni.
Ukuvezile ukuthi iyabakhathaza indaba yokuvuza kwamapayipi amanzi adala ukuthi amanye angafinyeleli emphakathini.
Wahlaba ikhwelo emphakathini lokuthi ukhokhele izidingo ukuze nomasipala baqhubeke nokukhokhela izinhlaka ezihlinzeka ngamanzi.
NoMcwaningi Mabhuku jikelele ePhalamende, ukhale esifanayo ngenkinga yokuvuza kwamanzi ezindaweni ezehlukene ezweni.
Wenza isibonelo ngomasipala weTheku wathi cishe u-58% wamanzi awufinyeleli emphakathini ngenxa yokuthi uphelela emhlabathini.