SIMPHIWE NGUBANE
UBESEPHILA ngotshwala owesilisa waseMlaza, kwa-L, obesephenduke ukudla kwenduku ebhaxabulwa yintombi akipite nayo kubo.
UMnuz Sandile Sosibo (42) uthi isigameko esenzeka ngoFebhuwari 27, sokushaywa aze abiliswe ngamanzi emhlane nasezinqeni yilo wesifazane, yiso esimvule amehlo, wasukuma.
Uthi wathola isimbambamba ngenxa yokuthi wayekade engabuyanga ekhaya ngoLwesihlanu kade ephuza nabangani bakhe.
Nakhona lapho uthi wayehlezi nabangani ngoba wayekade ebalekela khona ukuxokozela kwasekhaya. Uveze ukuthi sekuphele iminyaka engu-17 ethandana nalo wesifazane. Uthi sebehlale ndawonye naye kubo kusukela ngo-2009.
Izolo lo wesilisa ugcine ezijubile waya eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, ephelezelwa yinhlangano eqwashisa ngobugebengu, izidakamizwa kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane, iThuleleni Crime and Substance Abuse.
USosibo ukhuthaze amanye amadoda azithola esesimeni esifana nesakhe ukuba aphumele obala, axoxe ngokuhlukunyezwa kwawo futhi afune usizo, angaze azibulale kumbe abulale omunye umuntu.
“Nami bese ngiphila impilo yokuthi uma ngibuya etohweni ngiqale ngidakwe, okuyinto engeyinhle. Lokhu bengikwenza ngenxa yomsindo ohlale ukhona ekhaya. Siba sibi kakhulu isimo uma nomama eke waphuza,’’ usho kanje.
Laba ababili abanayo ingane yabo ndawonye kodwa owesilisa unezintathu kwabanye abesifazane eceleni. USosibo uthe uyethemba ukuthi incwadi ayitholile izomvikela ekutheni lona wesifazane angaqhubeki nokumbeka isandla.
Uthe akafuni ukumbophisa lo wesifazane ngoba uyondla emndenini wakhe. Wathi uma egqunywa ejele, kuzoba khona abantu abazobulawa yindlala.
Iphoyisa lasesiteshini saseBhekithemba, elisayine incwadi, lithe ntambama (izolo) bazoya beyomsayinisa incwadi lo wesifazane.
Libonge amadoda abephelezele lo wesilisa abebalelwa eshumini, lathi uyajabulisa umsebenzi wawo. Bekukhona kuwo uSipho “DJ Sgqemeza” Mbatha, usomabhizinisi owayeyiMeya yaseMsunduzi, uMnuz Themba Njilo, amalungu eThuleleni nabanye.
UMnuz Mduduzi Mkhwanazi, weThuleleni, uthe basukumele phezulu emva kokuba bebikelwe ngokuvelele uSosibo.
Ukhale ngokuthi amadoda awanakwa uma ebika ukuthi ahlukunyezwa ngabantu besifazane.
Uthe kumele amadoda nawo anakwe njengoba kusuke kwenziwa kubantu besifazane nasezinganeni.
“Amadoda awavele akhulume, nawo siwalekelele. Sizowaphelezela uma eya eziteshini zamaphoyisa eyovula amacala,” kusho uMkhwanazi.