UMLINGISI obe ngomunye wabebeyizilomo zomdlalo ophelayo iDiepCity, uThandeka Dawn King, uthi uzoqhubeka nemikhankaso yokuqwashisa nokufundisa abantu ikakhulu abesifazane ngengozi yokhwantalala.
UThandeka Dawn King uthi abantu abamnyama basadinga ukuqwashiswa ngokhwantala ngoba baningi ababhuqwa yilona kodwa bengazi.
Lo mlingisi uke waphumela obala ngokuthi ukhwantalala lucishe lwamuka naye ngonyaka odlule.
Mayelana nokuphela komdlalo obukhonjiswa kwiMzansi Magic, uThandeka uthe ubonga kakhulu abantu abamesekile edlala indawo kaMaShenge. Uthe ufunde lukhulu kobewumyeni wakhe emdlalweni, umlingisi uHamilton Dhlamini.
“Bengilingisa nenqwaba yabalingisi abebeqala ukulingisa. Ngifunde lukhulu nakubona. Ngifundile ukuthi ziningi izinto ongazifunda kubantu, noma ngabe usuthe thuthu kubona ngokolwazi nangokwesipiliyoni,” kusho umlingisi ozobonakala emdlalweni Ilembe ozokhonjiswa kwiMzansi Magic.
Ukhuthaze abesifazane abasebancane endimeni yokulingisa ukuthi bangagcini ngokugaba ngethalente kodwa kumele baqhubeke bazithuthukise. Lo mlingisi ubeyingxenye yenkundla yokucobelelana ngolwazi, iComedy Workshop, eStable Theatre eThekwini.
Ukhuthaze osomahlaya ukuthibabambisane futhi bangamonazelani, ukuze bonke bakwazi ukuthola amathuba okuqashwa.