UKHALA ngokuhamba ngonyawo lonwabu kophenyo lwamaphoyisa umndeni wowesilisa owathelwa ngoyaba lwezinhlamvu esendaweni yokugunda, ePhilani eMlaza, ngo-2022.
Umufi uMnuz Siyanda Mhlongo (48) wadutshulwa wafa ngosuku lwakhe lokuzalwa.
Kuvela ukuthi kwathushuka amadoda amabili angabuza lutho, amdubula ehlezi phansi egunda ePhilani.
Kodwa namanje kusacwebe isiziba, akekho oseke waboshwa ngalesi sigameko.
Ilungu lomndeni elingumfowabo kamufi kodwa elicele ukuba ligodlwe igama lalo, lithe bakhathazekile kakhulu ngendlela okuthuleke ngayo.
"Sesithanda ukukhathazeka kakhulu njengoba kubonakala ukuthi akekho umuntu oboshwayo ngalesi sigameko. Siwumndeni siyazibuza siyaziphendula ukuthi kanti kwenzakani?"echaza.
Uqhube wathi uma kuhamba kakhulu isikhathi kungabanjiwe muntu selingaze liphele icala.
"Ngeke size sivume ukuthi leli cala ligcine liphele nje kanje. Sizoqinisekisa ukuthi singumndeni siyabuthola ubulungiswa ngelungu lethu," echaza.
Umufi ngosuku abulawa ngalo wayekade elungisela umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa owawuzoba ntambama.
Umcimbi wawuzoba semzini wakhe okhona eMlaza.
Isolezwe litholile ngomthombo walo ukuthi sekuqubuke okukhulu ukungaboni ngasolinye phakathi komndeni kamufi nomakoti kamufi.
Kusolakala umbango wamafa njengomnyombo wengxabano.
Phambilini okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo wakuqinisekisa ukubulawa kukamufi.
Waveza ukuthi amaphoyisa enza uphenyo ngesigameko.