UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ugqugquzele abantu ukuthi babike izitolo ezidayisa ukudla okonakele nempahla ewumkokotelo.
UZikalala uthe emuva kokuthola izikhalo kubantu besola izitolo ngokudayisa ukudla okonakele, uqoke ukuhambela izitolo ezehlukene ayobheka ukuthi zidayisa ukudla okusesimeni esifanele yini.
Izolo uMnuz Bongani Tembe, ophethe ezokuxhumana emnyangweni kaZikalala, uthe ngesikhathi besemkhankasweni wokuhlola ukudla okudayisa ezitolo bathole ukuthi kunosomabhizinisi abadayisa ukudla okuwumkokotelo nokubolile.
“Ungqongqoshe uthole ukuthi kunezitolo ezidayisa ukudla okwabola ngo-2015 okusho ukuthi uma abantu bekudla bazogula. Akwamukelekile okwenziwa yilezi zitolo yingakho ungqongqoshe ethi abantu abambikele uma bekubona emashalofini ezitolo,” kusho uTembe.
Uthe akufanele abantu bathi yizitolo zabokufika kuphela ezidayisa ukudla okubolile ngoba ngesikhathi uZikalala ehlola isimo ezitolo uthole ukuthi nezabantu abangumsinsi wokuzimilela kuleli ziyakudayisa ukudla okonakele nokuwumkokotelo.
“Ungqongqoshe ufuna abantu bahlale beqaphile uma bethenga ukudla, okungaba yisesitolo sakuleli, noma esabokufika. Okubalulekile ukuthi abantu badayiselwe ukudla okusesimeni esifanele okungesiwo umkokotelo,” kusho uTembe.
Uthe abathenga ukudla okonakele ezitolo kufanele babike ngokushayela u-0800 333 667.
Uphethe ngokuthi ukudla okonakele kuyashaqwa bese kuyalahlwa ukuze kungaphinde kudayiswe futhi abanikazi bezitolo ezenza lo mkhuba bayahlawuliswa.
Khonamanjalo umxazululi wezinkinga zabathengi, uConsumer Goods & Services Ombud, uNkk Magauta Mphahlele, uzwakalise ukukhathazeka ngokudayiswa kwempahla eyonakele ezitolo ezehlukene.
Uthe uzokwenza isiqiniseko sokuthi uyaluphenya lolu daba ezifundazweni ezehlukene zaseNingizimu Afrika ukuze uphele lo mkhuba.