LIHLEHLISELWE inyanga ezayo yiNkantolo yeMantshi yaseBenoni, eGauteng icala lokubulawa kwengane yentombazane elibhekene nowesilisa.
Ezinye zezicubu zentombazanyana eneminyaka emine, zatholwa zigqitshiwe emva kokunyamalala kwayo emasontweni amabili adlule.
UMnuz Ntokozo Zikhali (30) waseBrakpan, eKurhuleni, bekulindeke ukuthi afake isicelo sebheyili ecaleni asolwa kulo ngokubulala uBokgabo Poo (4) waseMasoleng Park, eWatteville eGauteng. Umlenze wengane watholwa ugqitshiwe, kuvele izinzwane ethuneni elingashoni emzini oseTamboville, buqamama nalapho kwatholwa ezinye izicubu zomzimba zakhe ezehlukene.
Inkantolo ilihlehlisele uNovemba 14 icala likaZikhali ngoba kuthiwa kusalindwe isinqumo ngesicelo sebheyili secala lokudlwengulwa kwengane yentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye, ayeboshelwe lona njengoba sekwenzeke elakamuva evele engaphandle ngebheyili. Ummeli kamsolwa uthe ngeke basifake isicelo sebheyili ecaleni lokubulawa kukaBokgabo okwamanje, kuze kube inkantolo ikhipha isinqumo ecaleni lokudlwengula ingane abhekene nalo, okuholele ekutheni womabili amacala ahlehliselwe usuku olulodwa, ngenyanga ezayo.
Uyise kaBokgabo, uMnuz Irvin Ndlovu, ekhuluma nabezindaba ngaphandle kwenkantolo, uthe akufunayo wukuthi umsolwa akhombe ukuthi zikuphi ezinye izicubu zendodakazi yakhe. Enkantolo, uNdlovu obethukuthele ngesikhathi kungena umsolwa egibela ebhokisini labamangalelwa, ubebonakala emhahabuza ngesankahlu, ebuza uZikhali ukuthi zikuphi ezinye izicubu zendodakazi yakhe.
“Angizami ukufuna ukubukwa ngalokhu, kungenxa yesimo engikusona njengamanje. Ngidinga ukuphola. Angikapholi njengoba ngingazi ukuthi izicubu zengane yami zikuphi. Ngidinga ukuyingcwaba. Ngicabanga ukuthi usethathe isikhathi eside, sifuna nje asitshele ukuthi izicubu zikuphi,” usho kanje.
Uthe amaphoyisa uqale ukuwabona izolo ngesikhathi emazisa ngecala, ubengaxhumani nawo, ngakho akukho okutheni akuthole kwabomthetho ngalolu daba. Uthe uma engathola ithuba lokuxoxa noZikhali, angafisa ukumzwisa ubuhlungu abuzwise indodakazi yakhe.
Ngesikhathi uZikhali evela okokuqala, amalungu omphakathi ayethukuthele noNdlovu babesho ukumudla bamfele ngaphakathi enkantolo, okwaphoqa ukuthi amaphoyisa angenele ukudambisa isimo.
UZikhali ubhekene necala lokubulala, ukuthumba, ukudlwengula, elokuzama ukudukisa umkhondo nelokuhlahlela isidumbu.