UFAKAZI ecaleni lephoyisa elangqongqiswa nemoto eMariannhill ngezibhelu, utshele inkantolo ukuthi nguyena owaqale washaya umufi ngepayipi eliyinsimbi ekhanda.
UMnuz Nkosenhle Afrika Mthembu (43) odabuka eMsinga, wayehlala eTshelimnyama ngoJulayi 13, 2021 kubulawa uConstable Zolani Zuma.
UMthembu ulandise iNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngoLwesine, wathi ngobusuku besehlo wayekade ethuthela abantu impahla etatshiwe esebenzisa iveni lakhe iKia.
Wayekwenza lokhu ehamba nabasizi bakhe okungumshana wakhe ongummangalelwa wokuqala ecaleni, uMzikayifani Khayelihle Ndebele (18) nowesilisa athe uSiyanda.
Uqhube wathi badlula emgwaqweni ongasesiteshini samaphoyisa nezimpahla ezitatshiwe, kwathi uma sebefike esiyingini somgwaqo, bamiswa ngabantu ababekade befuna ukuthuthelwa izimpahla.
UMthembu uthe laba bantu bacela ukuthuthelwa izimpahla ngoR50 awunqaba, kulowo mzuzu kukhona ababe sebezifakile emotweni izimpahla avele ashaya wachitha nazo ebheke kwakhe eTshelimnyama.
Besesendleleni uMthembu uthi kwaqhamuka imoto iPolo Vivo eyabakhanyisela amalambu, eyabahubha yaze yaqondana nabo, yasikaza ukubavimbezela.
Kuleyo moto uthe kwakade kunomshayeli (Zuma) nabanye besilisa ababili.
“Ngayishaya yazula iveni ngibaleka, lo muntu waqhumisa isibhamu izikhawu. Ngaze ngayoma esangweni lasekhaya engalifica livaliwe ingihubha le moto,” kusho uMthembu.
Ulandise wathi kwathi uma ehla evenini, wehlela kumshayeli wePolo (Zuma) owayesemlinde phansi ezigqokele izimpahla zakhe engayifakile inyunifomu, esemkhombe nangesibhamu.
UMthembu uthe umshayeli umufi waqhamuka esethi kubona, “Nijwayela abantu kambi” futhi akazichazanga ukuthi uyiphoyisa, enodlame futhi kungathi udle amponjwana.
Ngasohlangothini lomgibeli, uMthembu uthe kwehla uSiyanda wabaleka, ummangalelwa wokuqala wama.
Uthe kwaba nesimo lapho iphoyisa lazithola sebelikakile yena ephethe ngesandla ipayipi eliyinsimbi ayekade elihoshe evenini. Uthe ayemi buqamama amadoda amabili ayehamba nomufi.
UMthembu uthe washaya umufi ngensimbi ekhanda ngesikhathi uKhayelihle emphuca isibhamu ayesiphethe.
“Ukhayelihle wadubula kabili ebhekise kumshayeli wePolo (Zuma), wadubula nami edolweni, waphinde wadubula kabili emoyeni ebhekise lapho kwakumi khona ababekade behamba nomufi. UKhayelihle waxolisa emuva kokungidubula, wathi kube iphutha nami ngamkholwa ngoba wayengakwazi ukusebenzisa isibhamu kodwa wayefayela nje,” kuchaza uMthembu.
Udalule ukuthi wayesaphila umufi emuva kokudutshulwa ngoba waphakamisa ikhanda wambuka ngesikhathi amalungu omndeni wakhe (Mthembu) emphuthumisa esibhedlela eSt Mary’s (eRoma).
Uthe wathola ucingo ngakusasa ekuseni esesibhedlela etshelwa yindodana yakhe uLungelo ukuthi sebemshisile uZuma.
Lapho uMthembu uthe kwathi uma ephuma waphuma nefayela lakhe lasesibhedlela, wangabe esangena nakwakhe, wathathelwa izimpahla washaya wachitha nezingane zakhe belibangise eMsinga.
Uthe wayebalekela khona ngoba ephephisa impilo yakhe nomndeni ngoba wayengawazi lawa madoda ayekade ehamba nomufi ukuthi azobuya agadle nini.
Uthe waya esibhedlela saseMsinga esamdlulisela kwesaseMgungundlovu lapho alaliswa khona izinyanga ezine enyangwa.
Inkantolo ibikade ikhiphe umyalelo wokuthi uMthembu akhulume iqiniso njengoba linjalo noma ngabe uyazininda kungenjalo uzothweswa amacala abekwe uKhayelihle nommangalelwa wesibili uSibusiso Ndlela (19).
Ukhayelihle uthweswe amacala amabili okuzama ukubulala, uNdlela uthweswe elokuthumba nelokubulala.
Icala liyaqhubeka