OWAYENGUNOGADA erenki yamatekisi ukhombe enkantolo abamangalelwa ababili wathi yibona abadubula ngoyaba lezinhlamvu babulala usomatekisi eShakaskraal, KwaDukuza.
Ummangalelwa wokuqala uMnuz Cebo Xulu (32) nowesibili uMnuz Thokozani “Ndayi” Mthethwa (39) bathweswe amacala angu-18 umuntu emunye okukhona nelokubulala usomatekisi uMnuz Dustin Pillay.
Bathweswe nayisishiyagalombili okuzama ukubulala, elokwakha itulo lokubulala, awokutholakala nezinhlamvu nezibhamu okungekho emthethweni, elokweba imoto eyasetshenziswa kwenziwa ubugebengu, awokucekela phansi impahla nawokushayela budedengu.
Owayengummangalelwa wokuqala uMnuz Mfanufikile Dlamini kuvele enkantolo ukuthi washonela ejele emuva kokuxinwa ukugula.
Abamangalelwa baboshwa ngo-2020, bancishwa ibheyili emuva kopheyo lwamaphoyisa ngesigameko sokubulawa kukaPillay kwalinyazwa nabanye ngoSephthemba 23, 2019.
IJaji uME Nkosi leNkantolo eNkulu yaseThekwini, liyalele abezindaba ukuba bangalokothi badalule amagama ofakazi ngenhloso yokubaphephisa ngoba bayesaba.
Ufakazi wokuqala utshele inkantolo ukuthi babekade begadile erenki kasoseshini, iDolphin Coast Taxi Rank, ngesikhathi kuqhamuka imoto iJeep emhlophe eyayinezinomboolo zaseGauteng, iza ngakubona ihamba kancane.
Uthe ngaleso sikhathi erenki kwakade kukhona osomatekisi ngemuva kwabo kunonogada ababebaqaphile.
Ufakazi uthe emotweni kwehla uXulu owadubula umlibe ebhekise phezulu ethusa onogada efuna babaleke, kwathi uMthethwa wadubula ebhekise kosomatekisi. Kuthiwa onogada nabanye osomatekisi babaleka bagcwala izinkalo.
“UDustin wazama ukubaleka kodwa watholwa yinhlamvu wawa phansi, wafika ummangalelwa wesibili (uMthethwa) wamqedelela eselele phansi. Umufi washonela endaweni yesigameko kwathi abamangalelwa babuyela emotweni eyayibalindile babaleka ngayo,” kuchaza ufakazi.
Kuphinde kwafakaza usomatekisi owasinda kulesi sehlakalo inkantolo eguqe esayichazele ukuthi uyabazi kakhulu abamangalelwa kodwa babekade bengenawo amatekisi.
Ngokwamaphepha asenkantolo uMbuso oholwa umshushisi u-Advocate Elvis Gcweka, usola ukuthi uPillay nosomatekisi bohlanga ahlaselwa nabo badutshulwa ngoba bevalwa imilomo emuva kokuthi umufi eveze izinkinga ezazikhungethe usoseshini wabo wamatekisi ngaleso sikhathi.
Icala liyaqhubeka.