UMthokozisi Thwala owayengumngani kaMeyiwa, ugoqe ubufakazi bakhe ngoLwesihlanu, kanti namhlanje kulindeleke ukuba kungene ufakazi omusha.
Ziningi izinsolo ezibekhona ngokuthi ngabe ngubani lofakazi.
Isolezwe ngeSonto ibe nombiko okhethekile lapho liveze khona ukuthi lipotshozelwe wumthombo walo ongashayi eceleni ukuthi namuhla kuzofakazi uZandie Khumalo.
Kuyaziwa ukuthi uZandie ngudadewabo kaKelly owayeyintombi kaMeyiwa futhi ungomunye wabantu ababesendlini ngosuku lwesehlo.
UZandie wayethandana noLongwe Twala ngesikhathi kwenzeka lo mshophi owaphuca iNingizimu Afrika ukhilimu kanozinti owayeyintandokazi yabaningi.
Ebufakazini osebethulwe enkatolo, kuvela ukuthi uZandie ungomunye wababekhona ngelanga lesigameko sokufa kukaSenzo Meyiwa ngo-Okthoba 26, 2014, kubo kaKelly Khumalo, eVosloorus.
Kuthintwa iMenenja kaZandie, uMhlo Gumede, ayitholakalanga ukuphawula.
Ku-Instagram, uZandie ubhale into eyela ecaleni kodwa wangaphumela obala ngalo.
Umbhalo wakhe uthi: Ngi scarce too much mawung’bona make a wish, angithi I am a shooting star 💫. Late lunch with my faves 😍🍷🍹🥃, Sanibonani e Gauteng……….Isikhathi sifikile ,Gods timing is everything, asihlangane khona but kukho konke okuzokwenzeka this coming week a lesson will be taught and it will be learnt ❤️🙏.
Umshushisi wombuso u-Advocate George Baloyi ukuthi namuhla kulindeleke ukuba kuvele ufakazi wokuqala kuleli cala.
Umshushisi ube esetshela inkantolo ngezicelo zalo fakazi okuthiwa ukhona futhi ukulungele ukuhlala ebhokisini lofakazi.
"Lo fakazi ucela ukuthi ubufakazi bakhe bungaqoshwa nge-video futhi nezwi lakhe lingaqoshwa,“ kusho umshushisi.
Kuthiwa lo fakazi ungusaziwayo onokuqashwa emicimbini eyahlukene, uthi usabela impilo yakhe njengoba engumuntu odumile yingakho engafuni kuqoshwe. Esinye isizathu wukuthi uma ubufakazi bakhe buqoshwa, lokho kuzomfakela ingcindezi futhi kumenze angazizwa kahle uma ethula ubufakazi bakhe
Lo fakazi uthi akanankinga uma izintatheli zikhona enkantolo kodwa, kuphela uma ubufakazi bakhe bungeke buqoshwe. Lo fakazi akanankinga futhi nokuthi izithombe zakhe zishuthwa emaphaseji nangaphandle inqobo nje uma kungeke kube ngaphakathi enkantolo.
“Akanankinga nokubakhona kwezintatheli futhi zingabika ngalolu daba nobufakazi bakhe ukuze umphakathi uhlale wazi ngokwenzekayo,” kuqhubeka umshushisi.
Icala liyaqhubeka, silandele kuzo zonke izinkundla zokuxhumana uzithole zishisa, kweliwela umfula ugcwele!