ITHWALE kanzima, yaphuma ihlehla iNkosi yaMaqadi uMqoqi Ngcobo, emhlanganweni waminyaka yonke wamaNazaretha oqhubeka eGoli ngemuva kokusuka kwempikiswano yokungeneliseki kwabanye ebuholini bebandla.
Umhlangano waseGoli uqale ngesonto eledlule, uzoze uphele ngeSabatha. Kuthiwa iNkosi uMqoqi kuphoqeleke ukuthi iphume ngesamagundane kuwona yabuyela eThekwini ngenxa yokwesaba ukwenzakaliswa.
Umthombo okhulume neSolezwe uthe umsindo ususwe wukubonakala kweNkosi yamaQadi ebivinjwa ukuthi imemezele ukubuyiselwa esikhundleni koMfundisi omkhulu waseGoli obemisiwe.
Kuthiwa kukhona osevele usiqhoqhobele lesi sikhundla esimqoka ebandleni.
“Kunomfundisi owamiswa, obephethe wonke amathempeli aseGoli. Emva kwakhe kuthathe omunye okunguyena ozwa sifudumele lesi sikhundla ongasafuni ukugudluka kuso.
UMfundisi obemisiwe usanda kubuyela enkonzweni njengoba bonke ababemisiwe banikwe ushwele wuNyazilwezulu,” kuchaza umthombo.
“Lo ongafuni ukugudluka, kusolwa ukuthi wuyena othumele inhlalisuthi ukuthi ixoshe iNkosi yamaQadi eGoli nethimba layo. Inkinga iqale ngesikhathi abahamba neQadi befuna incazelo ngokungadingeki kwalo.
Abaphendulwanga, kuvele kwaqhuma iqupha kwaphoqeleka ukuthi iNkosi iQadi nethimba baphume ngesamagundane,” kusho umthombo.
Leli phephandaba linenkulumo eqoshiwe lapho kukhuluma khona omunye wamaNazaretha, ethi okwenziwe ngabantu baseGoli kungukususa impi.
“Uma kushaywa iQadi kufana nokuthi kushaywe uNyazilwezulu uqobo lwalo. Uma ushaya umntwana wenkosi kusuke kufana nokuthi ushaya inkosi ngqo. Uma sithula lokho kusho ukuthi asizona izinsizwa la KwaZulu-Natal.
Ibandla lamaNazaretha lisemaQadini, ngisho namakhosi amane amaNazaretha atshalwe khona eMaqadini. Lapha ngisho kusuka kubabamkhulu uMphrofethi uMqaliwendlela, Ilanga, iNyangayezulu noThingolwenkosazana. Akukwazi ukuthi kungathintwa umuntu omkhulu kangaka emaQadini bese kuyathuleka,” kusho inkulumo eqoshiwe.
Kuthintwa iNkosi yamaQadi, ithe impela kuphoqeleke ukuthi ibuye eGoli ngenxa yalesi simo.
Ithe okugqamile wukuthi wonke amakhosi esizwe abawafuni eGoli, ngendlela abaziphathe ngayo. Ithe abantu ababambane ngezandla kube yithimba layo, okukhona kulona nohlaka lwayo uSqwa Ngcobo behlaselwa yinhlalisuthi yaseGoli.
Iqhube yathi, izoqoqa wonke amakhosi kuyokhulunywa lolu daba kumholi uNyazilwezulu uma sekuphele umhlangano ngoba abebelwa bebekuveza ukuthi abawafuni wonke amakhosi.
Okwamanje ithe awekho amacala avuliwe ngokuhlaselwa kwabo eGoli ngoba basalinde ukuthi kuyobikwa udaba oNyazini.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe beyibandla bazongenela ukulungisa lolu daba.
“Yimbi le nto eyenziwe abantu baseGoli eQadini. Okubuhlungu uyaziwa umuntu okunguyena ophehla lolu dweshu. Uma eziphathisa okwenkabi akumele azibize ngeNazaretha. Ibandla lamaNazaretha elokhuthula noxolo. Uma eqhuba kanje, yena uzongena kanjani eMaQadini?
“INkosi yamaQadi ihlonipheke kabi ukuthi kungenzeka into enje kuyona. Angazi noma abantu sebekukhohliwe yini esakwenzelwa yiQadi ngokuthi limemezele inkosi yamaNazaretha uNyazilwezulu.
Ikomiti lizohlangana ukulungisa lolu daba kodwa uma lihluleka kuzomele lwethulwe ebandleni, ukuze kuphume isinqumo ngokumele kwenzeke,” kusho uMncwabe.