UHLULEKE ukuzibamba wavele wakhihla isililo enkantolo, umkamfundisi ngesikhathi ebona umyeni wakhe emi phambi kwemantshi ngamacala abhekene nawo okudlwengula izingane ezincane.
UMfu Mandla Mahlaba (49), izolo, uvele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngamacala okudlwengulwa izingane zamantombazane ezineminyaka engu-13.
Umkakhe ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe, ukhulume neSolezwe ngendlela azizwa ngayo.
Uthe okwenziwe ngumyeni wakhe uyokuxoxela amagwababa echobana.
Uthe kumzwise ubuhlungu obukhulu ukuthi uMahlaba akhulelise ingane yakhe yentombazane eneminyaka engu-19 ngoba azi ukuthi akayizali.
Uveze ukuthi ubenganalo ulwazi ngomjolo obuphakathi komntanakhe nomyeni wakhe.
"Bengingazi mina ukuthi bobabili bayathandana,'' usho kanje.
Uthe akukho azokubuza umntanakhe ngoba okwamanje akakulungele ukuthi kungaba khona ingxoxo emayelana nalolu daba phakathi kwabo bobabili.
"Angeke ngize ngiluxoxe okwamanje nomntanani lolu daba. Ngiyehluleka,'' usho kanje.
IMantshi uMisri ithe okwamanje kukhona izinto ezincane inkantolo esafuna ukuzibhekisisa ngakho kuhle ukuthi isicelo sakhe sebheyili asenze ngokuzayo uma esevele enkantolo.
Icala lihlehliselwe u-Epreli 30, nonyaka.
UMahlaba ubefake ijakhethi emhlophe elokhu ebheke phansi njalo.
Kuthe uma esehla esephindela phansi ekhulukuthu wabonakala ewabuka amalungu ebandla lakhe abejabulela ukuthi usazoqhubeka nokubhadla ejele.
Ngaphandle kwenkantolo umphakathi ububhikisha uphethe izingqwembe ebezinemibhalo eyehlukene.
Eminye yazo ibibhalwe ukuthi anganikwa ibheyili.
Eminye ibithi abazalwane sebezoke baphumule ukudla amasi nesiklabhu masonto onke. Lokhu kusukela ekutheni uMahlaba ubebadlisa lezi zinto ethi uyabasiza, uqaqa izinkinga zabo.
Amalungu ebandla akhale ngempatho yoMfundisi bethi ibibaxaka. Omunye waleli bandla, uthe bekubamangaza ukuthi uMahlaba kungani asondelane kakhulu nezingane zamantombazane ezincane.
“Kusho ukuthi ubazi ukuthi uhloseni ngazo,’’ lisho kanje ilungu. Lithe aphume nobomvu njengoba ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela.
Elinye lithe bafisa abolele ejele uMahlaba, lamchaza njengempisi embethe isikhumba semvu.
Omunye umzali kamgilwa, ocele ukuba igama lakhe lingadalulwa uveze ukuthi ingane yakhe eneminyaka engu-13, ikhulelwe ingane yoMfundisi.
"Iyangicika le nto eyenziwe yilo Mfundisi enganeni yami. Ngikhuluma nawe nje ihlukumezekile kakhulu. Angazi ukuthi kwakuyinhloboni yomfundisi yona le,'' usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, ukuqinisekisile ukuthi kunamacala okudlwengulwa avulelwe owesilisa waseNtuzuma.
Esewonke amacala okudlwengula avulelwe uMahlaba okwamanje mathathu, kuvela ukuthi kungenzeka kuphele isonto sekwengezwe amanye.