UNINA wekhansela le-ANC eladutshulwa labulawa, ubuchopho balo wabucosha phansi, uthi uyojabula ngokuphelele mhla kwavela iqiniso ngesizathu sokubulawa kwendodana yakhe.
UNksz Gugulethu Ndlovu ongunina wekhansela, uMnuz Minenhle Mkhize (39), ongasekho, uphawule kanje emuva kokuthi inkantolo igwebe udilikajele umbulali, uMxolisi Gcabashe (33).
IJaji leNkantolo eNkulu yaseThekwini, uSanele Hlatshwayo (obambile), ligwebe uGcabashe udilikajele ngecala lokubulala, engu-20 ngamacala amabili okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni, emithathu okutholakala nemoto eyebiwe neminyaka eyisithupha yokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
UNksz Ndlovu uthe isigwebo simthokozisile nakuba enemibuzo engakaphenduleki ngokusocongwa kukaMkhize owayenezinyanga ezimbili eyikhansela.
“Kuze kube yimanje useboshiwe wagwetshwa (umbulali) kodwa into engingayiqondi ukuthi wayengamazi uMinenhle, engazi kubo futhi abakaze baxabane, pho wambulalelani?’’ kubuza uNksz Ndlovu.
Uthe ukholwa ukuthi kukhona lokhu abangakakwazi mayelana nalesi sigameko, bayojabula uma ngelinye ilanga kuyovela iqiniso ukuthi kwakuyini inkinga.
“Anginaso isiqiniseko esigcwele sokuthi ngabe sisaphephile yini ngoba okunguyena ngqondongqondo asimazi nokuthi ngokushona kukaMinenhle baqeda yini ngababekade bekuhlelile,’’ usho kanje.
Lo wesifazane uveze ukuthi ngemuva kosuku okwabulawa ngalo uMkhize, wacosha ubuchopho bakhe obabusaphazeke egcekeni wayobumbela ensimini okuyisithombe esingasoze sasuka emqondweni wakhe.
UMinenhle wakhethwa ngoNovemba 2021, ukuba yikhansela laku-ward 103, wadutshulwa washona ngoJanuwari 2022.
Ingoduso kamufi, uNksz Noluthando Mdluli, uthe babezoshada ngoDisemba, ngonyaka okwabulawa ngawo umufi.
UNksz Mdluli uthe angakusho kugcwale umlomo ukuthi ukufa kwakhe kwakumayelana nezepolitiki endaweni.
“Isimo sasimanzonzo endaweni abe-ANC beqembukelene phakathi bonke ababegaqele ukuphakanyiselwa kwesobukhansela babezibona sibafanele lesi sikhundla. Nabalandeli babo bebuswa yiloyo mcabango,’’ kusho ingoduso ikhihla isililo enkantolo.
Ngelanga abulawa ngalo babengekho abaqaphi ngoba wayekade ethe usekhathele ukuphila impilo yokuhlezi egadiwe ekubeni engenazitha.
“Kukhona usuku lapho aya khona ukuyosayina eMoses Mabhida, abalandeli ayekade encintisana nabo babengajabule neze. Babamba umbhikisho onodlame ngalolo suku betoyiza bavala umgwaqo bashisa namathayi,’’ usho kanje.
IJaji uHlatshwayo lishiye elingalazi ligweba uGcabashe, lamchaza njengenkabi engenazwelo, engenabo ubuntu futhi engazisoli ngesihluku esaphuca umphakathi umholi nezingane uyise.
Likhale ngokuba yinsakavukela kwamacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, iaji lathi izinkantolo nabomthetho bahlalelwe umsebenzi omkhulu wokuthi bathumele umyalezo wezigwebo eziqinile kulabo abasahlela ukwenza amacala afuze lawa.
“Ungumbulali ongenawo unembeza futhi ongazisoli ofihle kwaze kwaba yisekugcineni abantu abakuqasha, bakunika imali yokuthi uyothatha umphefumulo womuntu ongakonanga ngalutho. Uyinkabi, nakhu wabulala umufi ngezinhlamvu ezingu-15, kuyacaca ukuthi imali ubuyithola ngokuthi ubulale abantu,’’ kusho ijaji.
IPhini likaNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Nkosenhle Madlala, lithe kuwumuzwa omnandi nonosizi okwenzeke enkantolo.
Lithe kuhle ukuthi umbulali uthole isigwebo esimfanele ngesenzo sakhe esinonya.
Emuva kwesigwebo, amalungu omphakathi abekade egqoke izikibha ze-ANC ezinye ebezikade zinobuso bukamufi, abecula, bedansa bekhombisa ukuthakasela isigwebo.