UGWETSHWE udilikajele neminyaka engu-18 owesilisa (52) olahlwe ngecala lokuthumba nokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-55.
Kuthiwa lo wesilisa wagila le mikhuba ngoJulayi 25, 2022 kanti wayevele enikwe incwadi eyisivimbelo senkantolo sokuthi angasondeli kulo wesifazane.
Ngokwesitatimende sophiko lwezokushushisa iNPA, laba bobabili babethandana ngo-2019, kwathi ngo-Agasti 2021 owesifazane wanquma ukumala lo wesilisa ekhala ngokuhlukunyezwa.
NgoJulayi 2022 kuthiwa lo wesilisa wahlasela umgilwa, wamklinya, wamdonsela endlini eseduze lapho afike amshayela khona, wamgqema ngesando, wamgwaza wabe esemdlwengula elokhu ehleli naye ekwenza lokhu ephindelela izinsuku ezingu-10.
Lo wesifazane waphunyuka wabaleka ngesikhathi kukhona owayevakashele lo wesilisa, wayobikela umndeni wakhe ngalesi sigameko. Uthe esebabikele abomndeni babe sebemthatha bemyisa esikhungweni esilekela abahlukumezekile iThuthuzela Care Centre eseMlaza.
Okhulumela uphiko lwezokushushiswa komphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe bayasemukela isigwebo esinikwe lo wesilisa.
“Izigwebo ezifana nalezi zitshengisa amandla ophiko lwezokushushiswa komphakathi lokulwela ubulungiswa. Siyawuncoma umsebenzi owenziwe abashushisi kanye namaphoyisa ophiko lwe-SAPS,” kusho yena.
Lo mlisa ugwetshwe udilikajele ngokudlwengula, iminyaka emihlanu ngokuthumba, iminyaka engu-10 ngokushaya nemithathu ngokuphula incwadi yesivimbelo senkantolo.