OWAYENGUNGQONGQOSHE wezoLimo, uNkk Thoko Didiza, usola ungqongqoshe walo mnyango, uMnuz John Steenhuisen, ngokufuna ukubukwa ngodaba lwezinsolo zenkohlakalo kaR500 million.
UNkk Didiza uthe uSteenhuisen ukhombise ukuba isakabuli ngokugijima aye kwabezindaba eyothi ufice inkohlakalo yezigidi zamaRandi emnyangweni.
Okukhalisa uNkk Didiza ukuthi uSteenhuisen akazange azibalule izinyathelo ezathathwa umnyango ukuphenya lolu daba.
Ngempelasonto uSteenhuisen utshele abezindaba ukuthi uR500 million owanikezwa inkampani eyenza imigomo yezilwane, Onderstepoort Biological Products (OBP) akwaziwa ukuthi washonaphi.
USteenhuien unezinyanga ezimbili ephethe lo mnyango, imali akhuluma ngayo yakhishwa ngesikhathi kusaphethe uNkk Didiza.
Esitatimendeni, uNkk Didiza, osenguSomlomo wePhalamende, uthe ziningi izinyathelo ezathathwa umnyango ngesikhathi kusaphethe yena.
“Kwenziwa uphenyo olugcwele, emva kwalokho udaba lwabe seludluliselwa ophikweni oluphenya amacala enkohlakalo, iSpecial Investigating Unit. Imininingwane emayelana nalolu daba iyatholakala embikweni wokusebenza kwemali we-OBP.”
UNkk Didiza uthe akulungile ukuthi uSteenhuisen akhulume kakhulu ngalolu daba ekubeni kunophenyo olungakaphothulwa.
“USteenhuisen kufanele aqaphele uma ekhuluma ngoba izinto azishoyo zingagcina zimosha okuningi. Akufanele akhulume ageqe amagula, enze sengathi azikho izinyathelo ezithathiwe ngalolu daba ekubeni kunophenyo oluqhubekayo.”
UNkk Didiza uthe usembhalele uSteenhuisen emazisa ngezinyathelo ezathathwa umnyango kanye nekomiti lasePhalamende elibheke ukusebenza komnyango.
Uthe ngesikhathi edlulisela izintambo zokuphatha umnyango kuSteenhuisen, wachaza kabanzi ngokusebenza komnyango.
UNkk Didiza uthe namanje usazivulile izandla kuSteenhuisen uma kukhona okunye afuna ukukwazi ngalolu daba.
“Kusobala ukuthi incazelo ebanzi engamnikeza yona ngokusebenza komnyango nezinkampani ezingaphansi kwawo, ayanele. Ingakho ngithi ngizimisele ukwelekelela uSteenhuisen ngezinto ezithinta ukuphathwa komnyango.”
Imali uSteenhuisen uthe yayikhishelwe ukwakha kabusha isikhungo esikhiqiza imigomo.
Uthe udaba uselubikile kumqondisi jikelele womnyango, wathi ufuna ukuthi kuthathwe izinyathelo.
“Umcwaningi mabhuku ukhale ngezinto eziningi ezithinta ukusebenza kwemali. Ngizobheka izinto umcwaningi mabhuku akhale ngazo, bese senza isiqiniseko sokuthi izinto ezifana nalezi azenzeki,” kusho yena.