UFUNA izimpendulo umndeni womfundi waseDurban Girls Secondary (17) odlwengulwe wabulawa esigamekweni okusolwa ukuthi bekungesokugqekeza.
Isidumbu sikaWandile Ngcobo waseMlaza , obefunda uGrade 11 kulesi sikole sitholakale siboshwe izandla nge-pentihose, elinye i-pentihose lifakwe emlonyeni, sinamanxeba okugwazwa amahlanu, ngoLwesibili emini.
Uyise uMnuz Mondli Ngcobo, uthe ufonelwe umzalwane akhonza naye ethi akaphuthume ekhaya kugqekeziwe kwantshontshwa impahla.
"Ingane yami ibisibulewe ngaleso sikhathi kodwa bengafuni ukungethusa. Ngivale lolo cingo ngase ngifonela umfana wakwamakhelwane ngambuza ukuthi uWandile ukuphi njengoba ngizwa kuthiwa kungene abantu bantshontsha impahla. Uvumele phansi wathi yebo kunabantu abangenile. Wangawuphendula umbuzo wokuthi uphi uWandile. Ngize ngabuza okwesibili wathi akasekho," kuchaza uNgcobo.
Uthe uWandile ubesele yedwa ekhaya ngoba ubengabhali ngoLwesibili, ezotadishela ekhaya .
" UWandile ufunda esikoleni esisodwa nodadewabo ofunda uGrade 8. Bahamba bobabili kodwa ngoLwesibili usalile ngoba ethi akabhali. Ngixakekile uma kuthiwa kugqekeziwe ngoba ngiyazi ukuthi ubekhona ekhaya. Namanje angazi ukuthi kwenzekeni. Ngokucabanga kwami izigebengu bezihlele ukuthi zizogqekeza zebe impahla, zafica uWandile. Ngibona sengathi uqale walwa nesigebengu noma izigebengu. Sagcina simnqobile noma zimnqobile ngoba ubeboshwe izandla, kubonakala ukuthi uqale wanukubezwa ngaphambi kokuthi agwazwe amanxeba amahlanu okuyiwona ambulele," kuchaza uyise.
Uthe kwebiwe iTV, iDStv Decoder, i-remote neselula kamufi.
Ebuzwa mayelana nokubhalwe enkundleni yeokuxhumana uFacebook ukuthi umufi ubulawe umfowabo, uthe:"Lo mfowabo engicabanga ukuthi bakhuluma ngaye, ngamthola ngaphandle komshado. Asihlali naye. Uphazamisekile ekhanda unesifo esaziwa nge-schezophrenia. Sesizame kaningi ukuthi adle imishanguzo yalesi sifo, ayiyeke. Ngeke ngivume noma ngiphike ukuthi uyena ngoba bengingekho kodwa ngesikhathi sihamba ekhaya ubengekho, nakomakhelwane akekho othi uke wambona. Okunye okungididayo ukuthi uma kunguye impahla yebiwe ngubani? Ngithembe ukuthi ukuhlòlwa kwezinsalela zoketshezi esidumbini sikamufi kanye nezinsalela zeminwe kuzoveza iqiniso," kusho yena.
Uthe indodakazi yakhe ibihlale ithi ababuyele emakhaya eMalangeni, eMzinto bayolima ngoba ifuna ukufundela ezoLimo.
" Bengingazi ukuthi uzoshona engalifezanga lelo phupho, kube imina oyolima ukuze atshalwe. Ubeyingane ekhonze ukusonta nelalelayo engahluphi. Ngiphatheke kabi ngendlela abulawe ngayo," kusho uNgcobo.
Amaphoyisa abengakayiphenduli imibuzo athunyelwe yona ngalolu daba.