IZIGULI ezilulama masinyane uma zisezibhedlela ilezo umoya wazo osuke unakekelekile ngayo yonke indlela.
Ukunyakazisa umzimba okuhambisana nokunakekela umoya owaziwa ngeYoga, kubalwa njengezinye zezinto ezisizayo ekutheni isiguli sisheshe silulame.
IPhini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongiseni Dhlomo, lisho kanje ngesikhathi likhuluma kugujwa usuku lweYoga, i-International Yoga Day eNorth Beach, eThekwini, ngeSonto. Sekungunyaka wesishiyagalolunye igujwa KwaZulu-Natal.
UDhlomo uthe bewuMnyango wezeMpilo bayakukhuthaza ukuthi abantu benze iYoga.
"Lolu hlobo lokunyakazisa umzimba lwaqalwa e-India lwasabalala emhlabeni wonke. Bangaphezulu kuka-2 million abantu abenza iYoga emhlabeni. Singodokotela sihlale sifisa ukuthi umuntu aphile kahle kodwa kuyenzeka agcine esenesifo esithile. Uma sekunjalo siye sifise ukuthi adle imishanguzo yaso silawuleke kodwa kunabanye abantu abaphila impilo enobungozi engaholela ekutheni bazithole benezifo ezidalwa ukungazinakekeli, kuzo okubalwa nokunyakazisa umzimba.
“Ezinye zalezo zifo; isifo sikashukela nezinye izinhlobo zomdlavuza. Uma kunento engasiza ekutheni abantu baphile isikhathi eside, siyahambisana nayo," kusho uDhlomo.
UMnuz Ishwan Ramlutchman, umengameli weSivananda World Peace Foundation, okuyiyona ebihlele ukuthi kugujwe lolu suku izolo, uthe bangafisa ukuthi abantu abadala ngesikhathi besahleli emitholampilo babe bethola ulwazi ngeYoga ngoba ingalekelelana nemithi ukuze balulame ngoba iyindlela yokunyakazisa umzimba nengqondo.