INGONYAMA yesizwe sabaThembu uBuyelekhaya Zwelibanzi Dalindyebo, usedalule izindaba ezishaqisayo zokuthi obebambe esikhundleni sakhe ngesikhathi eboshiwe, u-Azanathi, akusiyona indodana yakhe.
UDalindyebo ngoMashi nonyaka uvuke indlobane washo ukuqeda ngomndeni wakhe ngembazo nangommese esigodlweni sakhe eBumbane e-Eastern Cape. Ngokwemibiko inkosi yabathembu ibhalele u-Azenathi imazisa ukuthi akayona indodana yakhe.
"Senginqume ukukwazisa ukuthi awusiyona indodana yami engiyizalayo. Angiyena uyihlo. Ngamanye amazwi awuyona indodana yami futhi awuyena owakwaDlomo. Uma ufuna isiqiniseko ngalokhu kungenziwa ulibofuzo futhi ngizimisele ukukusiza kulokhu," kuloba inkosi yabaThembu.
Okhulumela u-Azenathi, uMnuz Thandisizwe Mtirara ukuchithile okushiwo uDalindyebo.
"U-Azenathi yindodana yakhe. Ngisho ngabe sasingekho egunjini likaNokholeji (igama lika nina ka-Azenathi) esikwaziyo ukuthi uZanelizwe (elinye igama lika-Azenathi) yindodana kaZwelibanzi (elinye igama lenkosi yabaThembu).
"Lento ikhulunywa umuntu okufanele ngabe ungumholi wesizwe sabaThembu kodwa ngokubukeka kwezinto usahluleka ngisho ukulawula ikhaya lakhe. Yihlazo leli," kusho uMtirara.
Okhulumela uDalindyebo uMnuz Babalo Papu uthe: "Ingonyama isikwamukelile ukuthi u-Azenathi ayizalwa yiyo nokuthi unina wahlukanisa emendweni. Lento isisolwe isikhathi eside kodwa bekusalindwe ubufakazi".
NgoMashi nonyaka iNgonyama ithathwe amaphoyisa kulandela ukusabisa yena u-Azenathi nondlunkulu ibesabisa ngesiheshe sommese. Ayigcinananga lapho njengoba imibiko ithi yayiphihliza izinto esigodlweni sayo icasuke iveva. Kuvela nokuthi kwasiza ukuthi indodana yakhe iphume ngewindi yamba yambulula ngejubane.
Kuzokhumbuleka ukuthi ibidonsa iminyaka engu-15 ngamacala okuthumba, ukushisa, ukubulala ngokungenhloso nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ngaleso sikhathi indawo yeNgonyama ibibanjwe u-Azenathi.